Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 Samuweli 3:35 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

35 Bonke abantu bafika ukuba bamdlise uDavide isinkwa kusesemini; kepha uDavide wafunga wathi: “Makenze njalo kimi uNkulunkulu, enezele futhi, uma ngidla isinkwa noma okunye lingakashoni ilanga.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

35 Abantu bonke bafika bamncenga uDavide ukuba adle isinkwa kusesemini, kodwa uDavide wafunga wathi: “Makenze kanjalo kimi uNkulunkulu, enezele futhi, uma ngidla isinkwa noma okunye lingakashoni ilanga.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

35 Kwathi bonke abantu beza ukumnika uDavida ukudla ukudla kusesemini, uDavida wafunga wathi: UNkulunkulu makenze njalo kimi, njalo, uba nginambitha isinkwa loba yini enye lize litshone ilanga.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 Samuweli 3:35
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Balila, bakhala, bazila ukudla kwaze kwahlwa ngenxa kaSawule, noJonathani indodana yakhe, nabantu bakaJehova, nendlu ka-Israyeli, ngokuba bebewile ngenkemba.


Amalunga endlu yakhe asuka aya kuye ukumvusa emhlabathini, kepha akavumanga, futhi kadlanga kudla nawo.


Izandla zakho zazingaboshiwe, nezinyawo zakho zazingafakwanga emaketangeni; wawa njengomuntu owayo phambi kwabantu ababi.” Bonke abantu baphinda bemkhalela.


Bonke abantu bakubona, kwaba kuhle emehlweni abo, njengalokho konke eyakwenza inkosi kwaba kuhle emehlweni abantu bonke.


UNkulunkulu makenze njalo ku-Abineri, enezele futhi, uma ngingenzi kuDavide njengalokho uJehova efungile kuye,


kwasuka onke amadoda anamandla, asithatha isidumbu sikaSawule nezidumbu zamadodana akhe, aziletha eJabeshi, awembela amathambo abo phansi kwe-oki* eJabeshi, azila ukudla izinsuku eziyisikhombisa.


abayikubahlephulela isinkwa sokulila ukuba babaduduze ngabafileyo, bangabaphuzisi indebe yokududuza ngoyise nangonina.


Bubula, uthule; ungenzi isililo sabafileyo, uzibophele isigqoko sakho, ufake izicathulo zakho ezinyaweni zakho, ungambozi amadevu akho, ungadli isinkwa sabantu.”


Niyakwenza njengami: aniyikumboza amadevu enu, ningadli isinkwa sabantu.


Abantwana bakwa-Israyeli bakhuphuka, bakhala phambi kukaNkulunkulu kwaze kwahlwa; babuza kuJehova, bathi: “Siyakuphinda sisondele ukulwa nabantwana bakwaBenjamini umfowethu na?” UJehova wathi: “Yenyukelani kuye.”


Base bekhuphuka bonke abantwana bakwa-Israyeli, abantu bonke, bafika eBethele, bakhala, bahlala khona phambi kukaJehova, bazila ukudla ngalolo suku kwaze kwahlwa; banikela ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yokuthula phambi kukaJehova.


Lapho ufela khona, ngiyakufela khona nami, ngimbelwe khona; uJehova akenze njalo kimi, enezele futhi, ngokuba ngukufa kuphela okuyakusahlukanisa.”


Wathi: “Yintoni owayikhulumayo kuwe na? Ake ungayifihli kimi; uNkulunkulu makenze njalo kuwe, enezele futhi, uma ungifihlela izwi elilodwa lakho konke lokho owakukhuluma kuwe.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ