Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 Samuweli 24:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Inkosi yathi kuJowabe induna yempi eyayinaye: “Hamba ezizweni zonke zakwa-Israyeli kusukela kwaDani kuze kube seBeri Sheba, nibale abantu ukuba ngiwazi umumo wabantu.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

2 Inkosi yathi kuJowabe, umkhuzi wempi, owayenaye: “Hamba uye kuzo zonke izizwe zakwa-Israyeli kusukela kwaDani kuze kufike eBheri Sheba; nibale abantu ukuze ngazi ukuthi bangaki.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Inkosi yasisithi kuJowabi induna yebutho eyayilaye: Hamba khathesi ezizweni zonke zakoIsrayeli, kusukela koDani kusiya eBherisheba, ubale abantu, ukuze ngazi umumo wabantu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 Samuweli 24:2
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

U-Abrahama wavuka ekuseni, wathatha isinkwa nemvaba yamanzi, wakunika uHagari ekubeka ehlombe lakhe kanye nomntwana, wammukisa; wahamba, wazulazula ehlane laseBeri Sheba.


“Ngalokho ngiyaluleka ukuba wonke u-Israyeli abuthane kuwe, kusukela kwaDani kuze kufike eBeri Sheba, ngangesihlabathi esingasolwandle ngobuningi, wena uqobo lwakho uye empini.


UJowabe indodana kaSeruya nezinceku zikaDavide baphuma bahlangana ngasechibini laseGibeyoni; bahlala phansi, abanye ngalapha kwechibi, abanye ngalapho kwechibi.


UJowabe wayesephezu kwempi yonke yakwa-Israyeli; uBenaya indodana kaJehoyada wayephezu kwamaKhereti namaPheleti;


noSeleki wakwa-Amoni, noNaharayi waseBeroti, izindibi zezikhali zikaJowabe indodana kaSeruya,


UJehova wayesethuma isifo phezu kuka-Israyeli kusukela ekuseni kuze kube sesikhathini esinqunyiweyo; kwafa abantu abayizinkulungwane ezingamashumi ayisikhombisa kusukela kwaDani kuze kube seBeri Sheba.


kudluliswe umbuso endlini kaSawule, kumiswe isihlalo sobukhosi sikaDavide phezu kuka-Israyeli naphezu kukaJuda, kusukela kwaDani kuze kufike eBeri Sheba.”


UJowabe indodana kaSeruya wayephezu kwempi, uJehoshafati indodana ka-Ahiludi wayengumabhalana;


UDavide wayesethi kuJowabe nasezinduneni zabantu: “Hambani nibale u-Israyeli kusukela eBeri Sheba kuze kube kwaDani, nilethe umumo wabo kimi ukuba ngiwazi.”


Kanjalo namaqondana nezithunywa zezikhulu zaseBabele ezathumela kuye ukubuza ngesibonakaliso esenziwa ezweni uNkulunkulu wamshiya ukumvivinya nje ukuba azi konke okusenhliziyweni yakhe.


Ukuzidla komuntu kuyamthobisa, kepha onomoya othobekileyo uyazuza udumo.


Usho kanje uJehova, uthi: “Uqalekisiwe umuntu othemba kubantu, ayenze inyama ibe yingalo yakhe, nonhliziyo yakhe isuka kuJehova.


Ngalokho ukuze ngingaziphakamisi kakhulu ngobukhulu bezambulo, nganikwa iva enyameni, ingelosi kaSathane, ukuba ingimukule, ukuze ngingaziphakamisi kakhulu.


Base bephuma bonke abantwana bakwa-Israyeli, inhlangano yahlangana njengomuntu munye, kusukela kwaDani kwaze kwaba seBeri Sheba kanye nezwe lakwaGileyadi kuJehova eMispa.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ