Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 Samuweli 23:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 wasuka wabulala amaFilisti saze sakhathala isandla sakhe, isandla sakhe sanamathela enkembeni; uJehova wenza insindiso enkulu ngalolo suku; abantu babuya emva kwakhe ukuba baphange kuphela.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

10 Wasuka wabulala amaFilisti kwaze kwakhathala isandla sakhe, sanamathela enkembeni. USimakade wabapha ukunqoba okukhulu ngalolo lusuku. Abantu babuya, beza kuye, ukuze babuthe impango kuphela.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Wasukuma wawahlula amaFilisti, saze sakhathala isandla sakhe, sanamathela enkembeni; uJehova wenza insindiso enkulu ngalolo suku; amadoda abuya emva kwakhe ukuyophanga kuphela.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 Samuweli 23:10
20 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kepha wayemi phakathi nesiqephu, wasivikela, wawabulala amaFilisti; uJehova wenza insindiso enkulu.


UNahamani induna yempi yenkosi yase-Aramu wayengumuntu omkhulu phambi kwenkosi yakhe, otusekayo, ngokuba uJehova wayenikile i-Aramu ukunqoba ngaye; futhi wayeyiqhawe elinamandla, kepha wayenochoko.


WayenoDavide ePhasi Damimi; amaFilisti abuthana khona ukuyokulwa, lapho kwakukhona isiqephu sezwe esigcwele ibhali;* abantu babaleka ebusweni bamaFilisti.


NgoNkulunkulu siyakwenza izenzo zamandla; yena uyakunyathela phansi izitha zethu.


Nguye onika amakhosi insindiso, okhulula inceku yakhe uDavide enkembeni elimazayo.


Amakhosi ezimpi ayabaleka; ayabaleka wona; isifazane esihlezi ekhaya sabela impango.


Ngalokho ngiyakuyabela kanye nabakhulu, yahlukanise impango nabanamandla, ngokuba yawuthulula umphefumulo wayo ekufeni, yabalwa kanye nezelelesi; yathwala nokho izono zabaningi, yakhulekela aboni.


ngokuba angiyikuba nasibindi sokukhuluma lutho ngaphandle kwezinto uKristu azisebenza ngami, kube ngukulalela kwabezizwe, ngezwi nangesenzo,


Ngokuba asizishumayeli thina, kodwa sishumayela uKristu Jesu eyiNkosi nokuthi siyizikhonzi zenu ngenxa kaJesu.


UJehova wabangquzula ngaphambi kuka-Israyeli, wabaceka ngokuceka okukhulu ngaseGibeyoni, wabaxosha ngendlela ekhuphukela eBeti Horoni, wababulala kwaze kwaba se-Azeka naseMakheda.


Onke lawo makhosi nezwe lawo uJoshuwa wakuthatha ngasikhathi sinye, ngokuba uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli walwela u-Israyeli.


UJehova wabanikela esandleni sakwa-Israyeli, babanqoba, babaxosha kwaze kwaba seSidoni Elikhulu, naseMisirefoti Mayimi, nasesigodini saseMispa ngasempumalanga, bababulala, abaze bamshiyela noyedwa owasalayo.


Lapho efika eLehi, amaFilisti amhlangabeza ekhamuluka; uMoya kaJehova wafika kuye ngamandla, izintambo ezazisezingalweni zakhe zaba njengefilakisi* elishiswe ngomlilo, nezibopho zakhe zancibilika, zasuka ezandleni zakhe.


Wayesomile kakhulu, wakhala kuJehova, wathi: “Wenzile lokhu kukhululeka okukhulu ngesandla senceku yakho; kepha manje sengiyakufa ukoma, ngiwele esandleni sabangasokile.”


USawule wathi: “Akuyikubulawa muntu namuhla, ngokuba namuhla uJehova usebenzile ukusindiswa kwa-Israyeli.”


UJehova wasindisa u-Israyeli ngalolo suku; ukulwa kwadlulela eBeti Aveni.


UJonathani wathi odibini lwakhe oluphethe izikhali zakhe: “Woza siwele, siye ekhandeni lalabo abangasokile; ingabe uJehova uyakusisebenzela, ngokuba akukho okumthiyayo uJehova ukuba asindise ngabaningi noma ngabayingcosana.”


Abantwana bakwa-Israyeli babuya ekuxosheni amaFilisti, baphanga ikamu* lawo.


wabeka ukuphila kwakhe esandleni sakhe, wabulala umFilisti, uJehova wamenzela wonke u-Israyeli insindiso enkulu, wakubona wena, wathokoza; pho, uyakulonelani igazi elingenacala, umbulale uDavide engone lutho na?”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ