Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 Samuweli 22:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Ekuhluphekeni kwami ngambiza uJehova, ngakhala kuNkulunkulu wami; walizwa izwi lami esethempelini lakhe; ukukhala kwami kwangena ezindlebeni zakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

7 Ekuhluphekeni kwami ngambiza uSimakade, ngambiza uNkulunkulu wami; walizwa izwi lami esethempelini lakhe. Ukukhala kwami kwafinyelela ezindlebeni zakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Ekuhluphekeni kwami ngambiza uJehova, ngambiza uNkulunkulu wami, walizwa izwi lami ethempelini lakhe, ukukhala kwami kwangena ezindlebeni zakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 Samuweli 22:7
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Base bekhala kuJehova ekuhluphekeni kwabo; wabakhulula ezinsizini zabo.


Kepha ngabiza igama likaJehova, ngathi: “Ngiyakuncenga, Jehova, khulula umphefumulo wami.”


Ekuhluphekeni kwami ngakhala kuJehova, wangiphendula.


Ekuhluphekeni kwami ngambiza uJehova, ngakhala kuNkulunkulu wami; walizwa izwi lami esethempelini lakhe; ukukhala kwami phambi kwakhe kwangena ezindlebeni zakhe.


Kunye engikucele kuJehova, ngiyakufuna khona: ukuba ngihlale endlini kaJehova izinsuku zonke zokuphila kwami ukubona ubuhle bukaJehova, ngibuke ithempeli lakhe.


Nasi isihlupheki esakhala, uJehova wezwa, wasikhulula kuzo zonke izinhlupheko zaso.


Wayesethi uJehova: “Ngibonile nokubona ukuhlupheka kwabantu bami abaseGibithe; ngizwile ukukhala kwabo ngenxa yabacindezeli babo, ngokuba ngiyazazi izinsizi zabo;


Ngathi mina: ‘Ngixoshiwe emehlweni akho;’ nokho ngiyakubuye ngibheke ithempeli lakho elingcwele.


“Lapho umphefumulo wami waphela amandla phakathi kwami, ngamkhumbula uJehova; umkhuleko wami wangena kuwe ethempelini lakho elingcwele.


Kepha uJehova usethempelini lakhe elingcwele; thula phambi kwakhe, mhlaba wonke.”


Esosizini olunzima wakhuleka eqinisela, izithukuthuku zakhe zaba njengamathonsi egazi, aconsela emhlabathini.


owathi esenikele emihleni yenyama yakhe ngemikhuleko, nokunxusa, nokudazuluka okukhulu, nezinyembezi kuyena onamandla okumsindisa ekufeni, wezwiwa ngenxa yokumesaba uNkulunkulu.


Bhekani, umvuzo wezisebenzi ezavuna amasimu enu eniwugodlileyo uyakhala, nokukhala kwabavunileyo kungenile ezindlebeni zeNkosi Sebawoti.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ