Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 Samuweli 21:17 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Kepha u-Abishayi indodana kaSeruya wamsiza, wamshaya umFilisti wambulala. Base befunga kuye abantu bakaDavide, bathi: “Awusayikuphuma impi nathi, funa ucime isibani sakwa-Israyeli.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

17 Kepha u-Abhishayi, indodana kaZeruya, wamsiza, wamshaya umFilisti, wambulala. Ngenxa yalokho abantu bakaDavide bafunga phambi kwakhe, bathi: “Awusayukubuye uphume impi nathi, ukuze ungasicimi isibani sakwa-Israyeli.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Kodwa u-Abishayi indodana kaSeruya wamsiza, wamshaya umFilisti, wambulala. Khona-ke abantu bakaDavide bafunga kuye, bathi: “Awusayikuphinda uphume nathi empini, funa ucime ukukhanya kuka-Israyeli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 Samuweli 21:17
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Bheka, umndeni wonke usuvukele incekukazi yakho; bathi: ‘Sinike yena owashaya umfowabo ukuba simbulale ngenxa yomphefumulo womfowabo, sichithe indlalifa.’ Bayakucima kanjalo ilahle lami eliseleyo, bangabe besashiyela indoda yami igama nensali ebusweni bomhlaba.”


UDavide wamukisa abantu, inxenye yesithathu iphansi kwesandla sikaJowabe, nenxenye yesithathu iphansi kwesandla sika-Abishayi indodana kaSeruya, umfowabo kaJowabe, nenxenye yesithathu iphansi kwesandla sika-Ithayi umGiti. Inkosi yathi kubantu: “Nami ngiyakuphuma nokuphuma nani.”


Kepha abantu bathi: “Awuyikuphuma, ngokuba uma sibaleka, abayikusinakekela; noma kufa inxenye yethu, abayikusikhathalela, kepha wena unjengezinkulungwane eziyishumi zethu; ngalokho kuhle ukuba usisize usemzini.”


Bangihlasela ngosuku lwesigemegeme sami, kepha uJehova waba yinsika yami.


Ngokuba wena uyisibani sami, Jehova; uJehova uyakhanyisa ubumnyama bami.


Indodana yakhe ngiyakuyinika isizwe sibe sinye, ukuze uDavide inceku yami abe nesibani izinsuku zonke phambi kwami eJerusalema, umuzi engiwukhethileyo ukuba ngibeke khona igama lami.


Nokho ngenxa kaDavide uJehova uNkulunkulu wakhe wamnika isibani eJerusalema ngokuvusa indodana yakhe emva kwakhe nokumisa iJerusalema,


“Ngiyakuhlumisa uphondo lukaDavide, ogcotshiweyo wami ngimlungisele isibani.


Nguye onika amakhosi insindiso, okhulula inceku yakhe uDavide enkembeni elimazayo.


UNkulunkulu uyisiphephelo sethu namandla ethu; ufunyaniswa elusizo impela ekuhluphekeni.


UJohanani indodana kaKhareya wakhuluma kuGedaliya eMispa ngasese, wathi: “Mangihambe ngimbulale u-Ishmayeli indodana kaNethaniya, kungaziwa muntu; ubeyakukubulalelani, ukuze bonke abaJuda ababuthene kuwe bahlakazake, insali yakwaJuda ichithwe, na?”


Yena wayeyisibani esivuthayo nesikhanyayo; nina-ke benithanda ukuthokoza isikhashana ekukhanyeni kwakhe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ