Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 Samuweli 21:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 U-Ishibi Benobi wabantwana bamaRefa osisindo somkhonto wakhe sasingamashekeli* angamakhulu amathathu ethusi, ebhince inkemba entsha, wathi uyakumbulala uDavide.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

16 U-Ishibhi Bhenobhi, omunye wamaRefa, osisindo somkhonto wakhe sasingamashekeli ethusi angama-300, futhi ebhince inkemba entsha, wathi, uzakumbulala uDavide.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

16 U-Ishibhibenobi owayengowamadodana amaRefa, osisindo somkhonto wakhe sasingamashekeli angamakhulu amathathu ethusi, ebhince inkemba entsha, wacabanga ukuthi ubulele uDavide.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 Samuweli 21:16
20 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngomnyaka weshumi nane kweza uKedorlawomere kanye namakhosi anaye, banqoba amaRefa e-Ashiteroti Karinayimi, namaZuzi eHamu, nama-Emi eShave Kiriyatayimi,


Ngalezo zinsuku kwakukhona iziqhwaga emhlabeni, nangasemuva futhi, lapho amadodana kaNkulunkulu engena kuwo amadodakazi abantu, awazalela abantwana. Lana ayengamadodana asendulo anamandla, anegama lodumo.


Kwathi emva kwalokho kwabuye kwavuka impi namaFilisti eGobi; khona uSibekayi umHushati wabulala uSafi owayengowamadodana amaRefa.


Kwabuye kwaba khona impi eGati, lapho kwakukhona umuntu omude owayeneminwe eyisithupha esandleni nezinzwani eziyisthupha onyaweni, kungamashumi amabili nane kukonke; naye wazalwa yiRefa.


Labo bobane bazalwa ngamaRefa eGati; bawa ngesandla sikaDavide nangesandla sezinceku zakhe.


AmaFilisti esefikile ahlakazeka esiGodini samaRefa.


Benyukela ngaseningizimu, bafika eHebroni; o-Ahimani, noSheshayi, noTalimayi, abantwana bakwa-Anaki, babelapho. IHebroni lakhiwa iminyaka eyisikhombisa lingakakhiwa iSowani laseGibithe.


Nokho abantu abakhe ezweni banamandla, imizi ibiyelwe, mikhulu kakhulu; futhi sabona abantwana bakwa-Anaki khona.


Siyakukhuphukelaphi na? Abafowethu benzile izinhliziyo zethu ziphele amandla ngokusho ukuthi: “Abantu bakhulu, bade kunathi; imizi mikhulu, ibiyelwe kuze kube sezulwini; futhi sibonile amadodana ama-Anaki khona.” ’


Kwakuhlala khona kuqala ama-Emi, abantu abakhulu, abaningi, abade njengama-Anaki;


laba bathiwa namaRefa njengama-Anaki, kepha abakwaMowabi bababiza ngokuthi ama-Emi.


abantu abakhulu, abaningi, abade njengama-Anaki; kepha uJehova wabachitha phambi kwabo; babaxosha, bakha esikhundleni sabo,


Ngokuba u-Ogi kuphela, inkosi yaseBashani, wasala ensalini yamaRefa; bheka, ibhokisi lakhe laliyibhokisi lensimbi; angithi liseRaba kubantwana bakwa-Amoni; ubude balo babuyizingalo eziyisishiyagalolunye, nobubanzi balo buyizingalo ezine, ngokwengalo yomuntu.


abantu abakhulu nabade, amadodana ama-Anaki owaziyo, ozwile ngawo ukuthi: ‘Ngubani ongema phambi kwamadodana ka-Anaki na?’


Akusalanga noyedwa kuwo ama-Anaki ezweni labantwana bakwa-Israyeli; asala eGaza kuphela, naseGati, nase-Ashidodi.


UKalebi waxosha khona amadodana amathathu ka-Anaki, oSheshayi, no-Ahimani, noTalimayi, abantwana bakwa-Anaki.


Uthi lomkhonto wakhe lwalunjengogongolo lomaluki; isihloko somkhonto sasingamashekeli* angamakhulu ayisithupha ensimbi; ophethe isihlangu wahamba phambi kwakhe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ