Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 Samuweli 20:21 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Akunjalo, kepha umuntu wasezintabeni zakwa-Efrayimi, nguSheba indodana kaBikri igama lakhe, uphakamisele isandla sakhe ngasenkosini, kuDavide; nginikeni yena kuphela, khona ngiyakusuka emzini.” Wayesethi owesifazane kuJowabe: “Bheka, ikhanda lakhe liyakuphonswa kuwe ngaphandle kogange.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

21 Akusiyo inhloso yami leyo. Kepha indoda yakwelezintaba kwa-Efrayimi, egama layo nguSheba, indodana kaBhikhiri, ivukele inkosi uDavide; nginikeni yona kuphela ukuze ngihambe ngiwushiye umuzi.” Owesifazane wathi kuJowabe: “Uyabona-ke, ikhanda lakhe lizophonswa kuwe ngaphandle kogange.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Akunjalo, kepha umuntu wasezintabeni zakwa-Efrayimi ogama lakhe linguSeba, indodana kaBikri, waphakamisa isandla sakhe emelene nenkosi, emelene noDavide; msindise, ngisuke emzini. Owesifazana wasesithi kuJowabi: Khangela, ikhanda lakhe liphoselwe phezu komduli ngenxa yakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 Samuweli 20:21
17 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kwakukhona umuntu omubi ogama lakhe lalinguSheba indodana kaBikri umBenjamini; wabetha icilongo, wathi: “Asinasabelo kuDavide, asinafa endodaneni kaJese; yiyani nonke ematendeni enu, Israyeli.”


Bonke abantu bakwa-Israyeli base benyuka bengasamlandeli uDavide, bamlandela uSheba indodana kaBikri; kepha abantu bakwaJuda babambelela enkosini yabo kusukela eJordani kuze kube seJerusalema.


UJowabe waphendula wathi: “Makube kude, makube kude nami ukuba ngigwinye noma ngichithe.


U-Abishayi umfowabo kaJowabe indodana kaSeruya wayeyinhloko yabathathu. Waphakamisela abangamakhulu amathathu umkhonto wakhe, wababulala, waba negama phakathi kwalabo abathathu.


UJerobowamu indodana kaNebati wakwa-Efrayimi waseSereda, inceku kaSolomoni, ogama likanina lalinguSeruya, umfelokazi, naye waphakamisela enkosini isandla sakhe.


Kwathi incwadi isifikile kubo, bawathatha amadodana enkosi, bawabulala, abantu abangamashumi ayisikhombisa, babeka amakhanda awo emaqomeni, bawathuma kuye eJizreyeli.


Wathi: “Sisahlezi kahle. Inkosi yami ingithumile ngokuthi: ‘Bheka, manje kufike kimi izinsizwa ezimbili zamadodana abaprofethi zivela ezintabeni zakwa-Efrayimi; ake uzinike italenta* lesiliva nezingubo ezimbili zokuphendulela.’ ”


Ngokuba izwi liyamemezela liphuma kwaDani; lizwakalisa okubi kuvela ezintabeni zakwa-Efrayimi.


Ngiyakumbuyisela u-Israyeli ekhaya lakhe, aklabe eKarmeli naseBashani, umphefumulo wakhe waneliswe ezintabeni zakwa-Efrayimi nezakwaGileyadi.


U-Eleyazare indodana ka-Aroni wafa; bammbela egqumeni likaFinehasi indodana yakhe, abenikiwe lona ezintabeni zakwa-Efrayimi.


Bammbela emkhawulweni wefa lakhe eThimnati Heresi ezintabeni zakwa-Efrayimi ngasenyakatho kwentaba yakwaGahashi.


UGideyoni wayesethuma izithunywa ezintabeni zonke zakwa-Efrayimi, wathi: “Yehlani, nihlangabezane nabakwaMidiyani, nibavimbe emanzini kuze kube seBetha Bara naseJordani.” Onke amadoda akwa-Efrayimi ayesebuthana, abavimbela emanzini kwaze kwaba seBetha Bara naseJordani.


Kwathi abantu bakwa-Israyeli bebonile ukuthi u-Abimeleki ufile, bamuka baya, kwaba yilowo nalowo endaweni yakhe.


Wathi kubantu bakhe: “Makube kude nami, Jehova, ukuba ngenze okunjalo kuyo inkosi yami, ogcotshiweyo kaJehova, ngelulele isandla sami kuye, lokhu engogcotshiweyo kaJehova.”


UDavide wathi ku-Abishayi: “Ungambulali, ngokuba ngubani ongelulela isandla sakhe kogcotshiweyo kaJehova, angabi nacala, na?”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ