Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 Samuweli 20:15 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Bafika bamvimbezela e-Abela laseBeti Mahakha, banqwabela iduli ngasemzini elema ngasodongeni; abantu bonke ababe noJowabe babhidliza ugange ukuba luwe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

15 Impi kaJowabe yafika yavimbezela i-Abheli eBhethi Mahakha. Benza indunduma ngasodongeni, ababezohlasela umuzi bekuyo. Ibutho likaJowabe lashaya ugange ukuze luwe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Bafika bamvimbezela e-Abela laseBeti-Maga, bawufumbela igoqo lokuvikela umuzi, wema emseleni; bonke abantu ababenoJowabe balubhidliza ugange ukuze ulubhidlize.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 Samuweli 20:15
11 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wadabula izizwe zonke zakwa-Israyeli, waze wafika e-Abela, naseBeti Mahakha, nakuwo onke amaBeri; babuthana bamxosha nakhona.


UBeni Hadadi wayilalela inkosi u-Asa, wathuma izinduna zempi yakhe ukuba zihlasele imizi yakwa-Israyeli, wanqoba i-Ijoni, neDani, ne-Abela Beti Mahakha, nalo lonke iKineroti, kanye nalo lonke izwe lakwaNafetali.


Emihleni kaPheka inkosi yakwa-Israyeli kwafika uThigilati Phileseri inkosi yase-Asiriya, wathatha i-Ijoni, ne-Abela Beti Mahakha, neJanowa, neKedeshi, neHasori, neGileyadi, neGalile, lonke izwe lakwaNafetali, wabathumbela e-Asiriya.


“Ngalokho usho kanje uJehova ngenkosi yase-Asiriya, uthi: “ ‘Ayiyikungena kulo muzi, ayiyikucibishela mcibisholo khona; ayiyikubhekisa kuwo isihlangu, ayiyikunqwabela iduli ngakuwo.


kwakukhona umuzi omncane, unabantu abayingcosana phakathi kwawo; kwafika inkosi enkulu kuwo, yawuvimbezela, yakha izinqaba ezinkulu ngakuwo;


“Ngalokho usho kanje uJehova ngenkosi yase-Asiriya, uthi: “Ayiyikungena kulo muzi, ayiyikucibishela mcibisholo khona; ayiyikubhekisa kuwo isihlangu, ayiyikunqwabela iduli ngakuwo.


“Bheka, amaduli asefike emzini ukuba umuzi uthathwe; ngenxa yenkemba nendlala nesifo umuzi unikelwe esandleni samaKaledi alwa nawo; kwenzekile owakukhulumayo; bheka, usuyakubona.


Ngokuba usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ngezindlu zalo muzi nangezindlu zamakhosi akwaJuda ezidilizelwe ukuzivikela kuwo amaduli nenkemba, uthi:


Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Gawulani imithi yayo, ninqwabele iduli ngakulo iJerusalema. Yiwo umuzi oyakuhanjelwa, ungukucindezela kuphela phakathi kwawo.


uwuvimbezele, wakhe inqaba ngakuwo, uwunqwabele iduli, umise amakamu* ngakuwo, ubeke ngakuwo nxazonke izinqama zokungqubuza.


Ngokuba uyakufikelwa yizinsuku, lapho izitha ziyakukukaka ngodonga lwempi, zikuhaqe, zikuvimbezele nxazonke,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ