Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 Samuweli 20:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 U-Amasa wahuquzela egazini lakhe phakathi nomendo. Lapho lo muntu ebona ukuthi bonke abantu bema, wamgudluza u-Amasa emendweni, wamyisa ensimini, waphonsa ingubo phezu kwakhe, lapho ebona ukuthi bonke abadlula ngakuye bema.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

12 U-Amasa wadindiliza egazini lakhe phakathi nendlela. Kuthe lapho lowo muntu ebona ukuthi bonke abantu bafike beme ngaku-Amasa, wayesemgudlula endleleni. Wamyisa ensimini, waphonsa ingubo phezu kwakhe, ngoba wayebabona abantu belokhu bedlula ngakuye bema.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

12 UAmasa wagiqika egazini phakathi komgwaqo. Lapho lowo muntu ebona ukuthi bonke abantu babemi, wamsusa u-Amasa emendweni wamyisa endle, wamjikijela ngendwangu, lapho ebona ukuthi bonke abafika kuye bema.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 Samuweli 20:12
7 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

U-Abisalomu wabeka u-Amasa phezu kwempi esikhundleni sikaJowabe. U-Amasa wayeyindodana yomuntu ogama lakhe lalingu-Itira umIsrayeli, owangena ku-Abigali indodakazi kaNahashi, udadewabo kaSeruya unina kaJowabe.


Wala nokho ukuchezuka; ngalokho u-Abineri wamgwaza esiswini ngesidunu somkhonto, waze waphuma emuva umkhonto; wawela khona, wafela khona lapho; kwathi bonke abafika endaweni u-Asaheli awele kuyo wafa, bema.


Kwema ngakuye enye yezinsizwa zikaJowabe, yathi: “Omthanda uJowabe nongokaDavide mabamlandele uJowabe.”


Esesusiwe emendweni, abantu bonke badlula bamlandela uJowabe ukuba bamxoshe uSheba indodana kaBikri.


Wena Nkulunkulu uyakubaphonsa egodini lokubhubhisa; abantu begazi nenkohliso abayikufinyelela nasenxenyeni yezinsuku zabo; kepha mina ngizakwethemba wena.


UJehova uzazisile, wahlulela; umcuphile omubi emsebenzini wezandla zakhe. Higayoni.* Sela*


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ