Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 Samuweli 2:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Manje uJehova makanenzele umusa neqiniso, nami nginibuyisele lowo musa, ngokuba niyenzile leyo nto.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

6 Manje sengathi uSimakade anganenzela isihawu nokwethembeka, nami ngizonenzela okuhle ngenxa yalokhu enikwenzileyo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Manje uJehova unibonisile umusa nokwethembeka, futhi ngizokubuyisela lomusa kini, ngoba nenzile le nto.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 Samuweli 2:6
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UDavide wathi: “Ngiyakumenzela umusa uHanuni indodana kaNahashi, njengalokho uyise angenzela umusa.” UDavide wayesethuma ngesandla sezinceku zakhe ukumduduza ngoyise. Zafika-ke izinceku zikaDavide ezweni labantwana bakwa-Amoni.


Ufikile izolo nje; ngikuzulazulise nathi yini namuhla, ngisahamba lapho ngiya khona, na? Buya wena, ubuyise nabafowenu; umusa neqiniso makube nawe.”


Ngalokho maziqine izandla zenu, nibe nesibindi, ngokuba uSawule inkosi yenu ufile; indlu yakwaJuda ingigcobile ngibe yinkosi yayo.”


Inkosi yayisithi: “Akusekho endlini kaSawule noyedwa engingamenzela umusa kaNkulunkulu na?” USiba wathi enkosini: “UJonathani usenendodana elunyonga ngezinyawo.”


UDavide wayesethi kuye: “Ungesabi, ngokuba impela ngiyakukwenzela umusa ngenxa kaJonathani uyihlo, ngikubuyisele lonke izwe likayihlo uSawule, udle njalo etafuleni lami.”


Uyakuthumela esezulwini, angisindise mhla ofuna ukungigwinya ekloloda. Sela* UNkulunkulu uyakuthuma umusa wakhe neqiniso lakhe.


UJehova wadlula phambi kwakhe, wamemeza wathi: “NguJehova! NguJehova! NguNkulunkulu ogcwele isihe, onomusa, ophuza ukuthukuthela, novame ubumnene neqiniso,


Angithi bayaduka abaceba okubi na? Umusa neqiniso kuyakuba ngokwabaqamba okuhle.


Bhekani, ngiyanithuma ninjengezimvu phakathi kwezimpisi; ngakho-ke hlakaniphani njengezinyoka, nibe mnene njengamajuba.


Kepha mina ngithi kini: Thandani izitha zenu, nibabusise abaniqalekisayo, nibaphathe kahle abanizondayo, nibakhulekele abanizingelayo


Babusisiwe abanesihawu, ngokuba bayakuhawukelwa.


Athi amadoda kuye: “Mayife imiphefumulo yethu esikhundleni senu; uma ningavezi obala le ndaba yethu, siyakunenzela umusa neqiniso lapho uJehova esinika izwe.”


UNawomi wathi komalokazana bakhe ababili: “Hambani nibuyele, kube yilowo nalowo endlini kanina; uJehova makanenzele umusa, njengalokho nanenza kwabafileyo nakimi.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ