Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 Samuweli 19:42 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

42 Bonke abantu bakwaJuda baphendula abantu bakwa-Israyeli, bathi: “Ngokuba inkosi iyisihlobo sethu impela; kungani ukuba nithukuthele ngale nto na? Sike sadla ntoni engeyenkosi na? Isixoshisile ngamaxosho na?”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

42 Wonke amadoda akwaJuda abaphendula abantu bakwa-Israyeli, athi: “Ngokuba inkosi iyisihlobo sethu segazi kungani ukuba nithukuthele ngale nto na? Sidleni engeyenkosi? Kukhona yini esixoshise ngakho?”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

42 Bonke abantu bakwaJuda baphendula abantu bakwa-Israyeli, bathi: “Ngokuba inkosi iseduze nathi; pho kungani uthukuthele ngale ndaba? sadla ngezindleko zenkosi na? noma usinike isipho na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 Samuweli 19:42
6 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ningabafowethu, niyithambo lami nenyama yami; ngalokho kungani ukuba nibe ngabokugcina ukuyibuyisa inkosi na?’


Abantu bakwa-Israyeli baphendula abantu bakwaJuda, bathi: “Sinezinxenye eziyishumi kunani enkosini, yebo, nakuDavide; nisideleleni na? Izwi lethu lokubuyisa inkosi lalingesilo elokuqala na?” Kepha amazwi abantu bakwaJuda ayelukhuni kunamazwi abantu bakwa-Israyeli.


Bafika abantu bakwaJuda, bamgcoba khona uDavide abe yinkosi yendlu yakwaJuda. Bamtshela uDavide ukuthi: “Abantu baseJabeshi Gileyadi yibo abammbela uSawule.”


Izizwe zonke zakwa-Israyeli zafika kuDavide eHebroni, zasho zathi: “Bheka, thina siyithambo lakho nenyama yakho.


Abantu bakwa-Efrayimi bathi kuye: “Ukwenzeleni lokhu kithina ukuthi awusibizanga lapho uyakulwa nabakwaMidiyani na?” Bamkhankatha kakhulu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ