Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 Samuweli 19:35 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

35 Namuhla ngineminyaka engamashumi ayisihiyagalombili; ngingahlukanisa okuhle nokubi yini? Inceku yakho ingezwa ekudlayo nekuphuzayo na? Ngingabe ngisalizwa izwi lamadoda ahlabelelayo nabesifazane abahlabelelayo na? Inceku yakho isezakuba ngumthwalo wenkosi yami, inkosi, ngani na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

35 Namuhla ngineminyaka engama-80; ngisakwazi yini ukwehlukanisa okuhle nokubi na? Inceku yakho isengakuzwa nje ekudlayo nekuphuzayo? Kepha ngingabe ngisalizwa yini izwi lamadoda ahlabelelayo nabesifazane abahlabelelayo na? Kungani inceku yakho izoba ngumthwalo enkosini yami, inkosi na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

35 Ngineminyaka engamashumi ayisishiyagalombili namuhla, ngingahlukanisa okuhle nokubi na? Inceku yakho inganambitha engikudlayo nengikuphuzayo na? ngisalizwa yini izwi labahlabeleli besilisa nabesifazane abaculayo? pho, inceku yakho isayakuba ngumthwalo enkosini yami, inkosi, na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 Samuweli 19:35
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Inkosi yathi ku-Abisalomu: “Qha, ndodana yami, masingahambi sonke, funa sikusinde.” Wayicindezela; nokho ayivumanga ukuhamba, kodwa yambusisa.


UDavide wathi kuye: “Uma uhamba nami, uyakuba ngumthwalo kimi;


Inceku yakho iyakusimze iwele nje iJordani nenkosi; pho, inkosi iyakungivuzelani ngomvuzo ongaka na?


ngaphandle kwezinceku zabo nezincekukazi zabo ezaziyizinkulungwane eziyisikhombisa namakhulu amathathu namashumi amathathu nesikhombisa; babe nabahlabeleli besilisa nabesifazane abangamakhulu amabili.


ngaphandle kwezinceku zabo nezi ncekukazi zabo ezaziyizinkulungwane eziyisikhombisa namakhulu amathathu namashumi amathathu nesikhombisa; babe nabahlabeleli besilisa nabesifazane abangamakhulu amabili namashumi amane nanhlanu.


Indlebe ayivivinyi yini amazwi, njengolwanga lunambitha ukudla, na?


Kukhona ukungalungi olimini lwami yini, ulwanga lwami alunakuqonda okubi na?


Izinsuku zeminyaka yethu zineminyaka engamashumi ayisikhombisa; kuthi uma ziziningi, zineminyaka engamashumi ayisishiyagalombili; nokho ukuvama kwazo kungukuhlupheka nelize, ngokuba zidlula masinyane, thina siyandiza, simuke.


uma abomuzi bengalaneli iwundlu, wolithatha nomakhelwane wakhe oseduze nomuzi wakhe njengenani labantu; kulelo nalelo wundlu anobala inani elithile njengokudla kwalowo nalowo muntu.


Indodakazi kaFaro yathi kuye: “Hamba.” Yasuka intombazana, yabiza unina wengane.


Ngazibuthela futhi isiliva negolide, nemfuyo yamakhosi, nezifunda; ngathola abahlabeleli, abesilisa nabesifazane, nalokho athokoza ngakho amadodana abantu: isancinza, yebo, izancinza eziningi.


Kepha ukudla okuqinileyo kungokwabakhulileyo, abathi ngokujwayela ukuwusebenzisa umqondo, sebenawo osulungele ukwahlukanisa okuhle nokubi.


uma seninambithile nezwa ukuthi iNkosi imnene.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ