Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 Samuweli 19:28 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

28 Ngokuba yonke indlu kababa yayinjengabantu abafileyo phambi kwenkosi yami, inkosi; kepha wayibeka inceku yakho phakathi kwabadla etafuleni lakho. Ngisenalungelo lini ukuba ngibuye ngikhale enkosini na?”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

28 Ngokuba bonke abendlu kababa kwakufanele ukuba bafe, kodwa inkosi yami yayibeka inceku yayo nalabo abadla etafuleni layo. Ngisenalungelo lini ukuba ngingabuye ngikhale enkosini na?”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

28 Ngokuba yonke indlu kababa yayifile phambi kwenkosi yami, inkosi; nokho wayimisa inceku yakho phakathi kwabadla etafuleni lakho. Iliphi ilungelo engisenalo lokulibiza enkosini?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 Samuweli 19:28
12 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

angifanele neze wonke umusa nalo lonke iqiniso okwenzele inceku yakho, ngokuba ngawela leli Jordani ngodondolo lwami kuphela, manje sengingamaqembu amabili.


“Yayisithi incekukazi yakho: ‘Izwi lenkosi yami, inkosi, malibe ngelokuthula, ngokuba inkosi yami, inkosi, injengengelosi kaNkulunkulu ekuzweni okuhle nokubi; uJehova uNkulunkulu wakho makabe nawe.’ ”


uJowabe inceku yakho wenzile lokho ukuba aphendukezele ubuso bendaba; inkosi yami ihlakaniphile njengokuhlakanipha kwengelosi kaNkulunkulu ukwazi konke okusemhlabeni.”


kepha uma esho kanje, ethi: ‘Angithokozi ngawe,’ bheka, ngilapha, makenze kimi okuhle emehlweni akhe.”


Yayisithi inkosi: “Iphi indodana yenkosi yakho na?” USiba wathi enkosini: “Bheka, ihlezi eJerusalema, ngokuba yathi: ‘Namuhla indlu ka-Israyeli iyakubuyisela kimi umbuso kababa.’ ”


Inkosi yathi kuye: “Usakhulumelani ngezindaba zakho na? Ngithi: Wena noSiba, yahlukaniselani izwe.”


Uyakumlimela umhlabathi, wena namadodana akho nezinceku zakho, uvune ukuba indodana yenkosi yakho ibe nokudla, kepha uMefibosheti indodana yenkosi yakho uyakudla njalo etafuleni lami.” USiba wayenamadodana ayishumi nanhlanu nezinceku ezingamashumi amabili.


UMefibosheti wayesehlala eJerusalema, ngokuba wadla njalo etafuleni lenkosi; wayelunyonga ngezinyawo zakhe zombili.


Kwathi ngasekupheleni kweminyaka eyisikhombisa lowo wesifazane wabuya ezweni lamaFilisti; waphuma, wazikhalela enkosini ngendlu yakhe nangezwe lakhe.


Akukuhle okwenzileyo. Kuphila kukaJehova, nimelwe ukufa, ngokuba anilindanga inkosi yenu, ogcotshiweyo kaJehova. Manje bhekani ukuthi umkhonto wenkosi uphi nesigubhu samanzi esasingasekhanda lakhe.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ