Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 Samuweli 19:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Wathobisa izinhliziyo zabantu bonke bakwaJuda njengomuntu munye, baze bathuma enkosini, bathi: “Buya wena nazo zonke izinceku zakho.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

14 U-Amasa waziguqula izinhliziyo zabo bonke abantu bakwaJuda, baba muntu munye, base bethumela enkosini, bethi: “Buya wena, nazo zonke izinceku zakho.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Wathobisa inhliziyo yamadoda onke akwaJuda njengenhliziyo yamuntu munye; bathuma leli zwi enkosini, bathi: “Buya, wena nezinceku zakho zonke.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 Samuweli 19:14
8 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

U-Abisalomu wabeka u-Amasa phezu kwempi esikhundleni sikaJowabe. U-Amasa wayeyindodana yomuntu ogama lakhe lalingu-Itira umIsrayeli, owangena ku-Abigali indodakazi kaNahashi, udadewabo kaSeruya unina kaJowabe.


Yayisithi inkosi ku-Amasa: “Ngibuthele abantu bakwaJuda ngezinsuku ezintathu, ube khona nawe.”


“Wangikhulula ezimpini zabantu bami; wangilonda ngaba yinhloko yabezizwe; abantu engingabaziyo bangikhonza.


UNkulunkulu makenze njalo ku-Abineri, enezele futhi, uma ngingenzi kuDavide njengalokho uJehova efungile kuye,


Izizwe zonke zakwa-Israyeli zafika kuDavide eHebroni, zasho zathi: “Bheka, thina siyithambo lakho nenyama yakho.


Isixuku sabakholwayo sasinhliziyonye nomphefumulo munye; akwabakho noyedwa owasho ngezimpahla zakhe ukuthi ngezakhe, kodwa bakuhlanganyela konke.


Base bephuma bonke abantwana bakwa-Israyeli, inhlangano yahlangana njengomuntu munye, kusukela kwaDani kwaze kwaba seBeri Sheba kanye nezwe lakwaGileyadi kuJehova eMispa.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ