Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 Samuweli 18:24 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 UDavide wayehlezi emkhathini wamasango omabili; umlindi wakhuphukela ophahleni lwesango ngasogangeni, waphakamisa amehlo akhe, wabheka, nanguya umuntu egijima eyedwa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

24 UDavide wayehlezi phakathi kwamasango, elingaphakathi nelingaphandle; umlindi wakhuphukela ophahleni lwesango ngasogangeni lomuzi, waphakamisa amehlo akhe, wabona umuntu egijima yedwa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

24 UDavide wahlala phansi phakathi kwamasango omabili, umlindi wakhwela ophahleni lwesango odongeni, waphakamisa amehlo akhe, wabheka, nanko umuntu egijima yedwa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 Samuweli 18:24
10 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kepha u-Abisalomu wabaleka. Insizwa elindayo yaphakamisa amehlo ayo, yabuka; bheka, kwaqhamuka abantu abaningi ngasendleleni yentaba emva kwayo.


Wathi: “Noma kanjani, ake ngigijime.” Wathi kuye: “Gijima.” Wayesegijima u-Ahimahasi ngendlela yasethafeni, wamdlula umKushe.


Umlindi wamemeza, wayitshela inkosi. Yathi inkosi: “Uma eyedwa, unombiko emlonyeni wakhe.” Wayelokhu esondela njalo.


Yayisithi inkosi kubo: “Okuhle emehlweni enu ngiyakukwenza.” Inkosi yema ngaseceleni kwesango, bonke abantu baphuma ngamakhulu nangezinkulungwane.


Yayisisuka inkosi, yahlala esangweni. Kwathiwa kubo bonke abantu: “Bhekani, inkosi ihlezi esangweni.” Base befika abantu bonke phambi kwenkosi. Kepha abakwa-Israyeli babebalekele, kwaba yilowo nalowo etendeni lakhe.


Ekufikeni kwakhe, bheka, u-Eli wayehlezi esihlalweni sakhe ngaseceleni komgwaqo, ngokuba inhliziyo yakhe yayithuthumela ngomphongolo kaNkulunkulu. Esengenile emzini lowo muntu, wakubika, wakhala umuzi wonke.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ