Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 Samuweli 18:19 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 U-Ahimahasi indodana kaSadoki wayesethi: “Ake ngigijime, ngiyibikele inkosi ukuthi uJehova uyiphindisele ezitheni zayo.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

19 U-Ahimahazi, indodana kaZadoki, wayesethi: “Ake ngigijime, ngiyobikela inkosi ukuthi uSimakade uyiphindiselele ezitheni zayo.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

19 U-Ahimaewu indodana kaSadoki wayesethi: “Mangigijime, ngitshele inkosi ukuthi uJehova umphindisele ezitheni zakhe.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 Samuweli 18:19
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Yathi inkosi kuSadoki umpristi: “Ungumboni; buyela emzini ngokuthula, namadodana enu amabili enani, o-Ahimahasi indodana yakho noJonathani indodana ka-Abiyathara.


Bheka, kukhona lapho nabo amadodana abo amabili, o-Ahimahasi indodana kaSadoki noJonathani indodana ka-Abiyathara; niyakuthuma kimi ngesandla sabo konke eniyakukuzwa.”


OJonathani no-Ahimahasi babehlala e-Eni Rogeli; incekukazi yayizinge ibatshela; bona bahamba bayibikela inkosi uDavide ukuba bangabonwa behamba beya emzini.


UJowabe wathi kuye: “Awuyikuba ngumbiki wendaba namuhla, kepha uyakubika ngolunye usuku; namuhla awuyikubika lutho, ngokuba indodana yenkosi ifile.”


Wathi: “Noma kanjani, ake ngigijime.” Wathi kuye: “Gijima.” Wayesegijima u-Ahimahasi ngendlela yasethafeni, wamdlula umKushe.


Bheka, wayesefika umKushe; umKushe wathi: “Ngumbiko, nkosi yami, nkosi, ngokuba uJehova ukuphindisele namuhla kubo bonke abakuvukelayo.”


Ubonile wena; ngokuba ukukhathazeka nokuhlupheka uyakubona wena ukuze ukubeke esandleni sakho; othithibeleyo uyazinikela kuwe; wena ungumsizi wentandane.


ukuba wahlulele intandane nocindezelweyo, ukuze umuntu wasemhlabeni angabe esabanga uvalo.


Sukuma, Jehova, ngentukuthelo yakho, uvuke ngenxa yolaka lwezitha zami, ungimele; ngokuba uyalezile ukwahlulela.


UJehova uzazisile, wahlulela; umcuphile omubi emsebenzini wezandla zakhe. Higayoni.* Sela*


ngokuba ulimelele ilungelo lami nendaba yami, uhlezi esihlalweni sobukhosi, ungumahluleli olungileyo.


Isigijimi siyagijma, sihlangane nesinye, umbiki uhlangana nombiki ukutshela inkosi yaseBabele ukuthi umuzi wayo unqotshiwe nxazonke.


ningaziphindiseli nina bathandwa, kodwa dedelani ulaka, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Ngokwami ukuphindisela, ngiyakubuyisela mina,” isho iNkosi.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ