Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 Samuweli 18:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Wayesethi uJowabe: “Anginakulibala kanje nawe.” Wathatha imikhonto emithathu ngesandla sakhe, wambhokoda u-Abisalomu enhliziyweni esezwa, ephakathi kwe-oki.*

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

14 UJowabe wayesethi: “Anginakulibala ngenxa yakho.” Wathatha imikhonto emithathu ngesandla sakhe, wambhokoda u-Absalomu enhliziyweni, esaphila ephakathi kwe-okhi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

14 UJowabe wasesithi: Kangiyikuhlala lawe kanje. Wathatha imicibisholo emithathu esandleni sakhe, wayigwaza enhliziyweni ka-Abisalomu esaphila esihlahleni sokhuni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 Samuweli 18:14
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngalokho inkemba ayiyikusuka endlini yakho, ngokuba ungidelele, wathatha umka-Uriya umHeti ukuba abe ngumkakho.’


Wayesethi ezincekwini zakhe: “Bhekani, insimu kaJowabe iseduze neyami, unebhali* khona; hambani niyithungele ngomlilo.” Izinceku zika-Abisalomu zayithungela-ke insimu ngomlilo.


Izinsizwa eziyishumi ezaziphethe izikhali zikaJowabe zamzungeza, zamshaya u-Abisalomu, zambulala.


Inkosi yabayaleza oJowabe no-Abishayi no-Ithayi, yathi: “Anoyiphatha kahle insizwa ngenxa yami, ngisho u-Abisalomu.” Bonke abantu bezwa, lapho inkosi iyaleza zonke izinduna ngo-Abisalomu.


Kwabikelwa uJowabe ukuthi: “Bheka, inkosi iyakhala, imlilela u-Abisalomu.”


Inkosi uDavide yathumela kuSadoki naku-Abiyathara abapristi, yathi: “Khulumani kumalunga akwaJuda, nithi: ‘Kungani ukuba nibe ngabokugcina ukubuyisela inkosi endlini yayo, lokhu kufinyelele enkosini nasendlini yayo konke ukukhuluma kuka-Israyeli, na?


ukuthi ukujabula kwababi kufushane, nokuthokoza kwabangenaNkulunkulu kungokokuphazima kweso nje, na?


Ngambona omubi oyisidlova ezenabisile njengomuthi oluhlaza ogxilileyo;


Imicibisholo yakho ibukhali, izizwe ziyawa phansi kwakho; isenhliziyweni yezitha zenkosi.


Ngokuba njengalokho uJona wayesesiswini somkhomo izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu, kanjalo-ke neNdodana yomuntu iyakuba sebuthunjini bomhlaba izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu.


Nxa bethi: “Ngukuthula nokuhlala kahle,” khona ukubhujiswa kuyabazuma njengemihelo ifikela okhulelweyo, abasoze baphunyuka.


UJayeli umkaHebere wayesethatha isikhonkwane setende, waphatha isando ngesandla, wanyonyobela kuye, wambethela esikhaleni sendlebe ngesikhonkwane, sagqobhoza, saphumela emhlabathini, ngokuba wayelele ubuthongo obukhulu ediniwe; wafa kanjalo.


Wafaka isandla sakhe esikhonkwaneni, esokunene sakhe esandweni sezisebenzi; ngesando wamshaya uSisera, wadebeza ikhanda lakhe, yebo, wamgqobhoza, wambhoboza esikhaleni sendlebe.


“Mazibhubhe kanjalo zonke izitha zakho, Jehova; kepha abamthandayo mababe njengelanga, lapho liphuma ngamandla alo.” Izwe selaba nokuthula iminyaka engamashumi amane.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ