Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 Samuweli 17:25 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 U-Abisalomu wabeka u-Amasa phezu kwempi esikhundleni sikaJowabe. U-Amasa wayeyindodana yomuntu ogama lakhe lalingu-Itira umIsrayeli, owangena ku-Abigali indodakazi kaNahashi, udadewabo kaSeruya unina kaJowabe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

25 U-Absalomu wabeka u-Amasa ukuba ahole impi esikhundleni sikaJowabe. U-Amasa kwakuyindodana yendoda yakwa-Israyeli okuthiwa ngu-Ithira, owayengene u-Abhigayili, indodakazi kaNahashi, udadewabo kaZeruya, unina kaJowabe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

25 U-Abisalomu wabeka u-Amasa induna yempi esikhundleni sikaJowabe; u-Amasa wayeyindodana yendoda egama layo linguJitra, umIsrayeli, owangena no-Abigayili indodakazi kaNahashi, udadewabo kaSeruya, unina kaJowabe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 Samuweli 17:25
11 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

O-Israyeli no-Abisalomu bamisa ezweni lakwaGileyadi.


Yishoni ku-Amasa ukuthi: ‘Angithi uyithambo lami nenyama yami na? Makenze njalo kimi uNkulunkulu, enezele futhi, uma ungayikuba yinduna yempi ngaphambi kwami njalo esikhundleni sikaJowabe.’ ”


Wathobisa izinhliziyo zabantu bonke bakwaJuda njengomuntu munye, baze bathuma enkosini, bathi: “Buya wena nazo zonke izinceku zakho.”


Yayisithi inkosi ku-Amasa: “Ngibuthele abantu bakwaJuda ngezinsuku ezintathu, ube khona nawe.”


Lapho kufika umbiko kuJowabe ngokuba uJowabe – wayemlandele u-Adoniya noma engamlandelanga u-Abisalomu uJowabe – wabaleka, waya etendeni likaJehova, wabamba izimpondo ze-altare.


UJehova uyakulibuyisela igazi lakhe ekhanda lakhe, ngokuba wasukela amadoda amabili alungileyo amahle kunaye, wawabulala ngenkemba, ubaba uDavide engazi: u-Abineri indodana kaNeri, induna yempi yakwa-Israyeli, no-Amasa indodana kaJetheri, induna yempi yakwaJuda.


“Futhi wena uyazi okwenziwayo kimi nguJowabe indodana kaSeruya, nalokho akwenzayo kuzo izinduna ezimbili zezimpi zakwa-Israyeli, o-Abineri indodana kaNeri no-Amasa indodana kaJetheri, owababulala, wachitha igazi lokulwa ngesikhathi sokuthula, wabeka igazi lokulwa kulo ibhande* lakhe elalisokhalweni lwakhe nasezicathulweni zakhe ezazisezinyaweni zakhe.


Kwafika abanye kwabakwaManase kuDavide, lapho efika namaFilisti ukulwa noSawule, kepha abawasizanga, ngokuba izinduna zamaFilisti sezilulekene zammukisa, zathi: “Uyakuhlubukela enkosini yakhe uSawule, amakhanda ethu abe sengozini.”


UJese wazala izibulo lakhe u-Eliyabi, no-Abinadaba owesibili, noShimeya owesithathu,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ