Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 Samuweli 15:25 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 Inkosi yathi kuSadoki: “Buyisela emzini umphongolo kaNkulunkulu; uma ngiyakufumana umusa emehlweni kaJehova, uyakungibuyisa, angibonise wona nendlu yawo;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

25 Inkosi yathi kuZadoki: “Ubuyisele emzini umphongolo kaNkulunkulu. Uma ngifumana umusa emehlweni kaSimakade, uzokungibuyisa, angibonise wona nendlu yawo,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

25 Inkosi yathi kuSadoki: “Buyisela umphongolo kaNkulunkulu emzini; uma ngifumana umusa emehlweni kaJehova, uyakungibuyisa, angibonise wona nendawo yakhe yokuhlala.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 Samuweli 15:25
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Bawungenisa umphongolo kaJehova, bawubeka endaweni yawo phakathi kwetende uDavide alimisele wona; uDavide wanikela ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yokuthula phambi kukaJehova.


inkosi yathi kuNathani umprofethi: “Bheka, mina ngihlala endlini yemisedari,* kepha umphongolo kaNkulunkulu uhlala phakathi kwezilenge.”


Ngajabula lapho bethi kimi: “Masiye endlini kaJehova.”


Ngenxa yendlu kaJehova uNkulunkulu wethu ngiyakukufunela okuhle.


Jehova, ngiyayithanda inkundla yendlu yakho nendawo lapho kuhlezi khona inkazimulo yakho.


Ngokuba usuku lunye emagcekeni akho luhle kunezinye eziyizinkulungwane. Ngiyakhetha ukulinda emnyango wendlu kaNkulunkulu wami kunokuhlala ematendeni ababi.


“Ngomusa wakho wabahola abantu obahlengileyo; ngamandla akho wabayisa endlini yakho engcwele.


UMose wathi kuJehova: “Bheka, uthi kimi: ‘Khuphula laba bantu,’ kepha awungazisanga yena oyakumthuma nami. Nokho ushilo ukuthi: ‘Ngiyakwazi ngegama, ufumene umusa emehlweni ami.’


Ngalokho uma ngifumene umusa emehlweni akho, ake ungibonise izindlela zakho ukuba ngikwazi, ukuze ngifumane umusa emehlweni akho, ubhekisise ukuthi lesi sizwe singabantu bakho.”


Kepha uHezekiya wathi: “Yisibonakaliso sini sokuba ngiyakwenyukela endlini kaJehova na?”


“Manje, profetha kubo onke lawa mazwi, uthi kubo: “ ‘UJehova uyakuduma ephezulu, aliphumise izwi lakhe esendaweni yakhe engcwele; uyakuduma nokuduma phezu kwekhaya lakhe, amemeze njengabanyathela iwayini kubo bonke abakhileyo emhlabeni.


Ningethembi emazwini amanga, lapho kuthiwa: “Nanti ithempeli likaJehova, ithempeli likaJehova, ithempeli likaJehova.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ