Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 Samuweli 15:21 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 U-Ithayi wayiphendula inkosi, wathi: “Kuphila kukaJehova nokuphila kwenkosi yami, inkosi, impela kuleyo ndawo eyakuba kuyo inkosi yami, inkosi, noma kusekufeni noma kusekuphileni, lapho iyakuba khona nenceku yakho.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

21 U-Ithayi wayiphendula inkosi, wathi: “Ngifunga ngiyagomela phambi kukaSimakade naphambi kwakho nkosi yami, inkosi, lapho inkosi yami, inkosi, iya khona, kungaba sekufeni noma ekuphileni, inceku yakho nayo iyakuba lapho.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

21 U-Ithayi wayiphendula inkosi, wathi: “Kuphila kukaJehova nokuphila kwenkosi yami, inkosi, isibili noma iyiphi indawo inkosi yami, inkosi, eyakuba khona, ekufeni noma ekuphileni, iyakuba khona inceku yakho.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 Samuweli 15:21
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UDavide wathi ku-Ithayi: “Hamba, uwele.” U-Ithayi umGiti wawela kanye nabo bonke abantu bakhe nazo zonke izingane ezazinaye.


U-Eliya wathi ku-Elisha: “Ake uhlale lapha, ngokuba uJehova ungithumile eBethele.” Kepha u-Elisha wathi: “Kuphila kukaJehova nokuphila komphefumulo wakho, angiyikukushiya.” Behlela-ke eBethele.


U-Eliya wathi kuye: “Elisha, ake uhlale lapha, ngokuba uJehova ungithumile eJeriko.” Kepha wathi: “Kuphila kukaJehova nokuphila kwakho, angiyikukushiya.” Bafika-ke eJeriko.


U-Eliya wathi kuye: “Ake uhlale lapha, ngokuba uJehova ungithumile eJordani.” Kepha wathi: “Kuphila kukaJehova nokuphila kwakho, angiyikukushiya.” Bahamba-ke bobabili.


Unina womntwana wathi: “Kuphila kukaJehova nokuphila kwakho, angiyikukushiya.” Wayesesuka wamlandela.


Umngane uthanda ngezikhathi zonke, nomzalwane uzalwa ekuhluphekeni.


Umuntu wabangane uyazilimaza, kepha kukhona abangane ababambelela kuneselamani.


wathi ukuba afike, abone umusa kaNkulunkulu, wathokoza, wabayala bonke ukuba banamathele eNkosini ngokuzimisela inhliziyo.


Khona uPawulu waphendula wathi: “Nenzelani ukukhala nichoboza inhliziyo yami na? Ngokuba sengilungele, kungesikho ukuboshwa kuphela kepha nokufa eJerusalema ngenxa yegama leNkosi uJesu.”


Angikusho ngokunilahla; ngokuba ngasho ngaphambili ukuthi nisezinhliziyweni zethu ukuba sife kanye nani, siphile kanye nani.


UDavide wabuye wafunga, wathi: “Uyihlo uyazi kahle ukuthi ngifumene umusa emehlweni akho; uthi: ‘Makangazi lokhu uJonathani, funa abe nosizi.’ Kepha, kuphila kukaJehova nokuphila kwakho, kukhona isinyathelo esisodwa nje phakathi kwami nokufa.”


“Ngalokho, nkosi, kuphila kukaJehova nokuphila komphefumulo wakho, njengokuba uJehova ekuvimbele ukungena ecaleni legazi nokuzisindisa ngesandla sakho, ngalokho-ke mazibe njengoNabali izitha zakho nabayifunela inkosi yami ububi.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ