Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 Samuweli 14:19 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Yathi-ke inkosi: “Isandla sikaJowabe sinawe yini kukho konke lokhu na?” Owesifazane waphendula wathi: “Kuphila kwakho, nkosi yami, nkosi, akukho muntu ongaphendukela ngakwesokunene nangakwesokhohlo kukho konke okukhulunywe yinkosi yami, inkosi, ngokuba inceku yakho uJowabe yangiyaleza, yafunza onke lawo mazwi emlonyeni wencekukazi yakho;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

19 Yathi-ke inkosi: “Ngabe isandla sikaJowabe asinawe kukho konke lokhu na?” Owesifazane waphendula, wathi: “Ngifunga ngiyagomela kuwe, nkosi yami, nkosi, akukho muntu ongaphikisana nakho konke okukhulunywe yinkosi yami, inkosi. Inceku yakho, uJowabe, yangiyaleza, yangifunza wonke lawa mazwi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Inkosi yasisithi: Isandla sikaJowabi kasilawe yini kukho konke lokhu? Owesifazana waphendula wathi: Kusaphila umphefumulo wakho, nkosi yami, nkosi, kakulamuntu ongaphambukela ngakwesokunene langakwesokhohlo kukho konke inkosi yami, inkosi ekukhulumileyo; ngoba inceku yakho uJowabe ingilayile, lamazwi wonke asemlonyeni wenceku yakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 Samuweli 14:19
22 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

U-Uriya wathi kuDavide: “Umphongolo, no-Israyeli, noJuda bahlezi emadokodweni; inkosi yami uJowabe nezinceku zenkosi yami zimisile endle; mina-ke, pho, ngingene endlini yami, ngidle, ngiphuze, ngilale nomkami na? Kuphila kwakho nokuphila komphefumulo wakho, angiyikuyenza leyo nto.”


Yayisiphendula inkosi, yathi kowesifazane: “Ake ungafihli lutho kimi engiyakulubuza mina kuwe.” Wathi owesifazane: “Mayikhulume inkosi yami, inkosi.”


ungene enkosini, ukhulume kuyo ngalendlela.” UJowabe wayesemfunza amazwi emlonyeni wakhe.


Uma bengisebenzile inkohliso ngokuphila kwakhe, njengokuba kungekho nto efihlwa enkosini, nawe uqobo ngabe umelene nami.”


U-Abineri esebuyele eHebroni, uJowabe wamchezukisela phakathi kwesango ukuba akhulume naye bebodwa, wamgwaza lapho esiswini waze wafa ngenxa yegazi lika-Asaheli umfowabo.


maliwele ekhanda likaJowabe nakuyo yonke indlu kayise. Makungaphuthi endlini kaJowabe ukuba kube khona ocucuzayo, nonochoko, nozimelelayo ngodondolo, nowayo ngenkemba, noswele isinkwa.”


Izandla zakho zazingaboshiwe, nezinyawo zakho zazingafakwanga emaketangeni; wawa njengomuntu owayo phambi kwabantu ababi.” Bonke abantu baphinda bemkhalela.


U-Eliya wathi ku-Elisha: “Ake uhlale lapha, ngokuba uJehova ungithumile eBethele.” Kepha u-Elisha wathi: “Kuphila kukaJehova nokuphila komphefumulo wakho, angiyikukushiya.” Behlela-ke eBethele.


Uyakukhuluma kuye, ufake amazwi emlonyeni wakhe; ngizakuba nomlomo wakho nomlomo wakhe, nginifundise lokho eniyakukwenza.


Kuludumo lukaNkulunkulu ukusitha into, kepha udumo lwamakhosi lungukuphenya indaba.


Ungaphambuki ngakwesokunene nangakwesokhohlo; chezukisa unyawo lwakho ebubini.


ake sidabule izwe lakho; asiyikudabula amasimu nezivini, singaphuzi amanzi emithombo; siyakuhamba ngomgwaqo wenkosi, singajiki ngakwesokunene nangakwesokhohlo size sidlule umkhawulo wakho.’ ”


ngokuba mina ngiyakuninika umlomo nokuhlakanipha abangemelane nakho, bakuphike, bonke abayimpi kini.


nalapho ungaphambuki nakulo elilodwa lamazwi engikuyala ngawo namuhla ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo ukulandela abanye onkulunkulu ukuba ubakhonze.


“Niyakuqaphela ukwenza njengalokho uJehova uNkulunkulu wenu eniyalile, ningaphenduki ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo.


Qina kuphela, ume isibindi kakhulu, uqaphele ukwenza ngokomthetho wonke akuyala ngawo uMose inceku yami, ungaphambuki kuwo ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo ukuba ube nempumelelo nomaphi lapho uya khona.


Wathi: “E nkosi, kuphila komphefumulo wakho, nkosi yami, ngingowesifazane owayemi kuwe lapha, ekhuleka kuJehova.


Lapho uSawule embona uDavide ephuma ukuhlangabezana nomFilisti, wathi ku-Abineri induna yempi: “Abineri, yindodana kabani lo mfana na?” U-Abineri wathi: “Kuphila kwakho, nkosi, angazi.”


UDavide wabuye wafunga, wathi: “Uyihlo uyazi kahle ukuthi ngifumene umusa emehlweni akho; uthi: ‘Makangazi lokhu uJonathani, funa abe nosizi.’ Kepha, kuphila kukaJehova nokuphila kwakho, kukhona isinyathelo esisodwa nje phakathi kwami nokufa.”


“Ngalokho, nkosi, kuphila kukaJehova nokuphila komphefumulo wakho, njengokuba uJehova ekuvimbele ukungena ecaleni legazi nokuzisindisa ngesandla sakho, ngalokho-ke mazibe njengoNabali izitha zakho nabayifunela inkosi yami ububi.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ