Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 Samuweli 13:28 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

28 U-Abisalomu wayala izinceku zakhe ngokuthi: “Bhekani, lapho inhliziyo ka-Amnoni ithokoza ngewayini nalapho ngithi kini: ‘Bulalani u-Amnoni,’ nimbulale ningesabi; angithi mina nginiyalile na? Yimani isibindi, nibe ngamaqhawe.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

28 U-Absalomu wayala izinceku zakhe, wathi: “Niyabona-ke, kuyothi lapho selimngene iwayini u-Amnoni, ngiyothi kini: ‘Bulalani u-Amnoni,’ nimbulale, ningesabi, ngokuba niyobe niyalwe yimi ukwenza kanjalo. Yimani isibindi, nibe ngamaqhawe.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

28 U-Abisalomu wayala izinceku zakhe, wathi: “Bhekani, lapho inhliziyo ka-Amnoni ithokoza ngewayini, nalapho ngithi kini: ‘Bulalani u-Amnoni,’ bese nimbulala, ningesabi. Anginiyalanga na? yiba nesibindi futhi ube nesibindi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 Samuweli 13:28
30 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Waphuza iwayini, wadakwa, walala nqunu etendeni lakhe.


Esebiziwe nguDavide wadla waphuza phambi kwakhe; wamdakisa; kusihlwa waphuma ukuyolala embhedeni wakhe kanye nezinceku zenkosi, kepha akehlelanga endlini yakhe.


Waloba encwadini ukuthi: “Misani u-Uriya ngaphambili, lapho impi ishisa khona, nihlehle kuye ukuba ashaywe, afe.”


Ngalokho inkemba ayiyikusuka endlini yakho, ngokuba ungidelele, wathatha umka-Uriya umHeti ukuba abe ngumkakho.’


U-Abisalomu wayicindezela, yaze yavuma ukuba u-Amnoni nawo onke amadodana ahambe naye.


Incekukazi yakho yayinamadodana amabili; alwa odwa endle, akwabakho muntu wokulamula, kepha enye yashaya enye, yayibulala.


Baphuma emini. Kepha uBeni Hadadi wayephuza waze wadakwa emadokodweni, yena namakhosi, amakhosi angamashumi amathathu nambili amsizayo.


Ngosuku lwesikhombisa, lapho inhliziyo yenkosi isithokoza ngewayini, yayala oMehumani, noBizitha, noHaribona, noBigitha, no-Abagitha, noZethari, noKarikasi, izinduna eziyisikhombisa ezazikhonza ebusweni buka-Ahashiveroshi inkosi


newayini elijabulisa inhliziyo yomuntu, namafutha okukhazimulisa ubuso, nesinkwa esiqinisa inhliziyo yomuntu.


Inkosi yaseGibithe yayisibiza ababelethisi, yathi kubo: “Nenzeleni lokhu, nasindisa abafana, na?”


Idili lenzelwa ukuhleka, newayini liyenamisa ukuphila, kepha imali iyimpendulo yakho konke.


Hamba udle isinkwa sakho ngentokozo, uphuze iwayini ngenhliziyo enhle, ngokuba uNkulunkulu usevumile imisebenzi yakho.


Ngalobo busuku uBelishasari inkosi yamaKaledi wabulawa.


Lapho bethandela njengameva, benjengabaminzileyo ophuzweni lwabo, bayakuqedwa nokuqedwa njengamabibi omileyo.


“Xwayani ukuba izinhliziyo zenu zingasindwa ngukuminza nokudakwa nokunaka okwalokhu kuphila, lunizume lolo suku ningazelele,


Kepha uPetru nabaphostoli baphendula bathi: “Simelwe ukulalela uNkulunkulu kunabantu.


Angikuyalile na? Qina, ume isibindi, ungesabi, ungabi naluvalo, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho unawe nomaphi lapho uya khona.”


Besajabulisa izinhliziyo zabo, bheka, abantu bomuzi, abantu ababi, bahaqa indlu nxazonke, bangqongqotha emnyango; basho kumninindlu, ixhegu, bathi: “Khipha lowo muntu owangena endlini yakho ukuba simazi.”


Bahlala phansi, badla, baphuza bobabili kanyekanye; uyise wentombi wathi kuyo indoda: “Ake udele, ulale ubusuku, ithokoze inhliziyo yakho.”


Lapho umuntu esesukuma ukuba ahambe, yena nesancinza sakhe nenceku yakhe, umukhwe wakhe, uyise wentombi, wathi kuye: “Bheka, ilanga seliyathambama, sekuzakuhlwa; ake uhlale ubusuku bonke; yebo, ilanga seliyakuphela; hlala lapha ukuba inhliziyo yakho ithokoze, nivuke kusasa ekuseni kakhulu, nihambe indlela yenu ukuba ufike etendeni lakho.”


UBowazi wadla waphuza, inhliziyo yakhe yathokoza, waya ukulala ngasekugcineni kwenqwaba yamabele; wafika kahle, wambula izinyawo zakhe, walala.


USawule wayaleza izinceku zakhe ngokuthi: “Khulumani noDavide ngasese, nithi: ‘Bheka, inkosi yenamile ngawe, nazo zonke izinceku zayo ziyakuthanda; ngalokho yiba ngumkhwenyana wenkosi.’ ”


USawule wafunga uJehova kuye owesifazane, wathi: “Kuphila kukaJehova, awuyikwehlelwa cala ngalokho.”


Inkosi yayisithi kuye: “Ungesabi; ubonani na?” Owesifazane wathi kuSawule: “Ngibona unkulunkulu ephuma emhlabathini.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ