Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 Samuweli 13:19 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 UTamari wayesezithela ngomlotha ekhanda, wayiklebhula ingubo yakhe enemibala owayeyigqokile, wathwala izandla ekhanda, wamuka, ehamba ekliwula.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

19 UThamari wayesezithela ngomlotha ekhanda, wayiklebhula ingubo yakhe enemibala ayeyigqokile, wathwala izandla ekhanda, wahamba elokhu ekhala.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Khona-ke uThamari wathela umlotha ekhanda lakhe waklebhula ingubo yakhe emibalabala ayeyigqokile wabeka isandla sakhe ekhanda lakhe wakhala.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 Samuweli 13:19
10 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

URubeni wabuyela emgodini; bheka, uJosefa wayengasekho emgodini; waklebhula izingubo zakhe.


UDavide wayesebamba izingubo zakhe, waziklebhula kanye nawo onke amadoda ayenaye.


kwathi-ke ngosuku lwesithathu, bheka, kwaphuma umuntu ekamu* likaSawule, izingubo zakhe ziklebhukile, enomhlabathi ekhanda, wawa phansi ekufikeni kwakhe kuDavide, wakhuleka.


U-Abisalomu umnewabo wathi kuye: “Umnewenu u-Amnoni kade enawe na? Thula, dadewethu; ungumnewenu, ungabeki inhliziyo yakho kule nto.” UTamari wahlala eyisikhwebu nje endlini ka-Abisalomu umnewabo.


UMoridekayi esekwazi konke okwenziweyo, uMoridekayi waziklebhula izingubo zakhe, wembatha indwangu yamasaka nomlotha, waphumela phakathi komuzi, wakhala ngokukhala okukhulu okumunyu;


Lapho bephakamisa amehlo abo besekude, abamazanga; badazuluka bakhala, baklebhula, kwaba yilowo nalowo ingubo yakhe, bafafaza amakhanda abo ngothuli beluphonsa phezulu.


Ngalokho ngiyazinenga, ngizisole othulini nasemlotheni.”


Uyakuphuma nalapho, izandla zakho zisekhanda, ngokuba uJehova uyabalahla obethembayo, awuyikuphumelela kubo.


UJoshuwa waziklebhula izingubo zakhe, wawa ngobuso emhlabathini phambi komphongolo kaJehova kwaze kwahlwa, yena namalunga akwa-Israyeli; bathela uthuli emakhanda abo.


Kwaphuma umuntu wakwaBenjamini empini, wagijima waya eShilo ngalolo suku, izingubo zakhe ziklebhukile, enomhlabathi ekhanda.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ