Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 Samuweli 11:27 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

27 Sekuphelile ukulila, uDavide wathuma wamletha endlini yakhe; waba ngumkakhe, wamzalela indodana. Kepha leyo nto eyenziwe nguDavide yayimbi emehlweni kaJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

27 Sesiphelile isikhathi sokulila, uDavide wathumela, wayomlanda, wamngenisa esigodlweni sakhe, wamenza umkakhe; wamzalela indodana. Kepha lokho okwenziwa nguDavide kwaba kubi emehlweni kaSimakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

27 Kwathi sesiphelile ukulila, uDavida wathumela wamletha endlini yakhe, waba ngumkakhe, wamzalela indodana. Kodwa le nto uDavide ayenzile yayingalungile emehlweni kaJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 Samuweli 11:27
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kwaba kubi emehlweni kaJehova lokho akwenzileyo; wambulala naye futhi.


Udeleleleni izwi likaJehova ukuba wenze okubi emehlweni akhe na? Ubulele u-Uriya umHeti ngenkemba, wathatha umkakhe abe ngumkakho, wambulala ngenkemba yabantwana bakwa-Amoni.


kepha uma esho kanje, ethi: ‘Angithokozi ngawe,’ bheka, ngilapha, makenze kimi okuhle emehlweni akhe.”


Kwathi u-Ahabi esezwile ukuthi uNaboti ufile, u-Ahabi wasuka ukuba ehlele esivinini sikaNaboti waseJizreyeli ukusidla.


Wayesethi u-Ahabi ku-Eliya: “Usungitholile wena sitha sami na?” Wathi: “Ngikutholile, ngokuba uzithengisile ukwenza okubi emehlweni kaJehova.


Kwaba kubi emehlweni kaNkulunkulu; ngalokho washaya u-Israyeli.


Uyabhubhisa abakhuluma amanga; uJehova uyamenyanya umuntu wegazi nowenkohliso.


Unjalo yena ongena kumkamakhelwane: akuyikuthiwa ongenacala noma yimuphi omthintileyo.


Wo kubona abajula ukuba basithezele uJehova isu labo, abamisebenzi yabo isebumnyameni, nabasho ukuthi: “Ngubani osibonayo, ngubani osaziyo, na?”


nokona umuntu ecaleni lakhe, iNkosi ayikuboni lokhu na?


uJesayi wazala uDavide, inkosi. UDavide wazala uSolomoni kumka-Uriya;


indoda ebilala nayo iyakunika uyise wentombi amashekeli* angamashumi ayisihlanu esiliva, ibe ngumkayo, ngokuba iyonile; ingeyilahle zonke izinsuku zayo.


Ukuganana makuhlonishwe yibo bonke, umbhede ungabi nasisihla, ngokuba izifebe neziphingi uNkulunkulu uyakuzahlulela.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ