Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 kwabaseKorinte 2:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Ngakuloba khona lokho, funa kuthi ekufikeni kwami ngithole ukudabuka ngalabo ebengifanele ukuthokoza ngabo, nginethemba ngani nonke ukuthi okwami ukuthokoza kungokwenu nonke.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

3 Ngilobe lezi zinto, ukuze kuthi uma ngifika, ngingezwiswa ubuhlungu yilabo obekufanele ngithokoze ngabo. Nginesibindi ngani nonke ukuthi ukuthokoza kwami kungokwenu nonke.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

3 Nganilobela lokhu, ukuze kuthi ekufikeni kwami ngingabi lusizi yilabo engimelwe ukuthokoza ngabo; nginethemba ngani nonke ukuthi intokozo yami iyinjabulo yenu nonke.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Nganilobela lokhu, ukuze kuthi ekufikeni kwami ngingabi lusizi yilabo engimelwe ukuthokoza ngabo; nginethemba ngani nonke ukuthi intokozo yami iyinjabulo yenu nonke.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 kwabaseKorinte 2:3
17 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Pho, nifunani? Ngize kini ngiphethe induku, noma ngize nginothando nomoya omnene na?


Nginalelo themba ngangifuna ukuza kini kuqala, ukuze nithole umusa ngokwesibili,


Kepha mina ngibiza uNkulunkulu abe ngufakazi emphefumulweni wami ukuthi ngenziwa ukuniphephisa ukuba ngingaphindanga ngize eKorinte,


Sengize ngaba yisiwula; nina ningiphoqile. Ngokuba mina kwakufanele ukuba nginconywe yinina. Ngokuba angisilele ngalutho kubaphostoli abaqhamileyo kakhulu, noma ngingento yalutho.


funa kuthi ekufikeni kwami futhi uNkulunkulu wami angithobise phambi kwenu, ngililele abaningi abakade bonile, bengaphendukanga kukho ukungcola nobufebe namanyala abakwenzileyo.


Ngalokho ngiloba lezi zinto ngingekho, ukuze, nxa ngikhona, ngingenzi kabukhali ngokwamandla eyanginika wona iNkosi, kube ngawokwakha, kungabi ngawokubhidliza.


ngokuba ngaloba futhi ngenxa yalokho, ukuze ngokuhlolwa kwenu ngazi ukuba ningabalalelayo ezintweni zonke yini.


Ngakho nakuba nganilobela, angilobanga ngenxa yowonileyo nokuba ngenxa yowoniweyo kodwa ukuze ukukhuthala kwenu ngenxa yethu kubonakaliswe kini phambi kukaNkulunkulu.


Ngiyathokoza, ngokuba ezintweni zonke nginethemba ngani.


Nokho uNkulunkulu oduduza abadanileyo usiduduzile thina ngokufika kukaThithu,


Nakuba nganidabukisa ngencwadi yami, angizisoli; nakuba ngangizisola – ngiyabona ukuthi leyo ncwadi yanidabukisa noma kwaba yisikhathi nje –


Kepha sithumele kanye nabo umzalwane wethu esimfumene kaningi ekhuthele ezintweni eziningi, kepha manje ukhuthele kakhulu ngenxa yokunethemba kwakhe okukhulu.


Nginethemba ngani eNkosini ukuthi aniyikuba nawo omunye umqondo; kepha onikhathazayo uyakuthwala ukwahlulelwa kwakhe, noma engubani.


Siyethemba eNkosini ngani ukuthi lokhu esiniyala ngakho niyakwenza nokuthi nizakukwenza.


Ngikulobele ngokwethemba ukulalela kwakho, ngazi ukuthi uzakwenza nokungaphezu kwengikushoyo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ