Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 kuThimothewu 4:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 U-Aleksandru, umkhandi wethusi wenza okubi okuningi kimi; iNkosi iyakumbuyisela ngokwemisebenzi yakhe;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

14 U-Aleksandru, umkhandi wethusi, wenza okubi okuningi kimi; iNkosi iyakuphindesela kuye ngokwemisebenzi yakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

14 U-Aleksandru, umkhandi wethusi wangenza okubi okuningi; uJehova makamnike ngokwemisebenzi yakhe;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

14 U-Aleksandru, umkhandi wethusi wangenza okubi okuningi; uJehova makamnike ngokwemisebenzi yakhe;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 kuThimothewu 4:14
18 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Nami ngibuthakathaka namuhla noma ngigcotshiwe ngibe yinkosi; laba bantu, amadodana kaSeruya, balukhuni kunami; uJehova makaphindisele owenza okubi njengobubi bakhe.”


Banike njengokwenza kwabo nanjengobubi bemisebenzi yabo; banike njengokwenza kwezandla zabo, baphindisele abakwenzileyo.


Nomusa ungowakho, Nkosi; ngokuba wena umphindisela umuntu njengokwenza kwakhe.


Uyazi wena Jehova; ngikhumbule, ngihambele, ungiphindisele kwabangizingelayo; ungangisusi ngokubekezela kwakho; yazi ukuthi ngenxa yakho ngithwale ihlazo.


Uyakubaphindisela, Jehova, ngokwemisebenzi yezandla zabo.


ningaziphindiseli nina bathandwa, kodwa dedelani ulaka, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Ngokwami ukuphindisela, ngiyakubuyisela mina,” isho iNkosi.


oyakuvuza yilowo nalowo ngokwemisebenzi yakhe:


uma kambe kuyinto elungile kuNkulunkulu ukuba abuyisele ukuhlupheka kubo abanihluphayo,


abakubona oHimenewu no-Aleksandru engibanikele kuSathane, ukuze balaywe ukuba bangahlambalazi.


umxwaye nawe, ngokuba wamelana kakhulu namazwi ethu.


Uma umuntu ebona umzalwane wakhe ona ngesono esingesiso esokufa, makacele, uyakumnika ukuphila, ekunika labo abenza isono esingesiso esokufa. Sikhona isono sokufa; angisho ukuba kucelwe ngaleso.


Thokoza ngawo wena zulu, nani bangcwele, nani baphostoli, nani baprofethi; ngokuba uNkulunkulu uwahlulele, waniphindiselela kuwo.’ ”


Buyiselani kulo njengalokho lona likwenzile, niphinde kabili okwemisebenzi yalo; esitsheni elalixuba kuso, xubani kabili kuso;


Bamemeza ngezwi elikhulu, bathi: “Koze kube nini, Mbusi ongcwele noqinisileyo, ungahluleli, uphindisele igazi lethu kulaba abakhileyo emhlabeni na?”


UJehova makahlulele phakathi kwami nawe, uJehova angiphindisele kuwe, kepha isandla sami asiyikuba phezu kwakho.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ