Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 kuThimothewu 2:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Qonda engikushoyo; ngokuba iNkosi iyakukunika ukuqonda ngezinto zonke.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

7 Kucabangisise lokhu engikushoyo, ngokuba iNkosi iyakukunika ukuba uziqonde zonke lezi zinto.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

7 Nakana engikushoyo; iNkosi ikunike ukuqedisisa ezintweni zonke.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Nakana engikushoyo; iNkosi ikunike ukuqedisisa ezintweni zonke.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 kuThimothewu 2:7
40 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kuphela, uJehova makakuphe ukuhlakanipha nokuqonda, akuyale ngo-Israyeli ukuba ugcine umthetho kaJehova uNkulunkulu wakho.


unike uSolomoni indodana yami inhliziyo epheleleyo ukuba agcine imiyalo yakho, nobufakazi bakho, nezimiso zakho, nokwenza konke lokhu, nokwakha ithempeli engililungiseleyo.”


Ngiyinceku yakho; ngiphe ingqondo ukuba ngazi ubufakazi bakho.


Ukulunga kobufakazi bakho kumi phakade; ngiphe ukuqonda ukuba ngiphile.


Izandla zakho zingenzile, zangibumba; ngiphe ingqondo, ukuze ngifunde imiyalo yakho.


Bonke abantu bayashaywa luvalo; bayakushumayela izenzo zikaNkulunkulu, baqonde akwenzileyo.


Ngabuka-ke mina, ngacabanga; ngabona, ngathola ukulaywa:


Inkabi iyamazi umniniyo nembongolo umkhombe womnikaziyo; u-Israyeli akazi, isizwe sami asiqondi.”


UNkulunkulu wakhe uyamhlakahlisa ngendlela eyiyo, amfundise.


Ihabu* nogubhu, isigubhu negenkle, newayini kukhona emadilini abo, kepha abanakekeli imisebenzi kaJehova, nezenzo zezandla zakhe abaziboni.


Laba bafana abane uNkulunkulu wabanika ukwazi nokuqonda encwadini nasekuhlakanipheni; uDaniyeli wayenengqondo kuyo yonke imibono namaphupho.


ngokuba mina ngiyakuninika umlomo nokuhlakanipha abangemelane nakho, bakuphike, bonke abayimpi kini.


Khona wayesevula ingqondo yabo, ukuze baqonde imibhalo.


“Khwezani lawo mazwi ezindlebeni zenu, ngokuba iNdodana yomuntu izakukhashelwa ezandleni zabantu.”


Kepha uMduduzi, uMoya oNgcwele, uBaba ayakumthumela egameni lami uyakunifundisa konke, anikhumbuze konke enginitshele khona.


Kepha nxa esefikile yena, uMoya weqiniso, uzakuniholela kulo lonke iqiniso; ngokuba akayikukhuluma ngokwakhe, kodwa lokho akuzwayo uyakukukhuluma, anibikele okuzayo.


wamkhipha kuzo zonke izinhlupheko zakhe, wamupha umusa nokuhlakanipha phambi kukaFaro inkosi yaseGibithe; yena wammisa abe ngumbusi eGibithe nakuyo yonke indlu yakhe.


Ngokuba omunye uphiwa ngoMoya izwi lokuhlakanipha, kepha omunye izwi lokwazi ngaye lowo Moya,


Sengathi nga behlakaniphile ukuba bakuqonde lokho, bazindle ngokugcina kwabo.


“Yazi namuhla, ukungenise enhliziyweni yakho ukuthi uJehova unguNkulunkulu ezulwini phezulu nasemhlabeni phansi; akakho omunye.


Elokugcina, bazalwane, konke okuyiqiniso, konke okuhloniphekayo, konke okulungileyo, konke okumhlophe, konke okuthandekayo, konke okutusekayo, noma kukhona okuhle, noma kukhona okubongekayo, zindlani ngalokho;


Ngalokho nathi, kusukela osukwini esezwa ngalo, asiyeki ukunikhulekela nokuninxusela ukuba nigcwaliswe ngokwazi intando yakhe ngokuhlakanipha konke nokuqonda okungomoya,


Nakekela lezo zinto, ume kuzo, ukuze ukuqhubeka kwakho kuqhame kubo bonke.


Umlimi osebenzayo kufanele ukuba kwamukele yena izithelo kuqala.


Khumbula uJesu Kristu ovukile kwabafileyo, wenzalo kaDavide ngokwevangeli lami,


Yebo, mqondeni yena owakhuthazela ephikwa kangaka yizoni, ukuze ningakhathali, niphele amandla emiphefumulweni yenu.


Bakhumbuleni ababenihola bekhuluma izwi likaNkulunkulu kini, niqonda ukuphela kokuhamba kwabo, nilingise ukukholwa kwabo.


Ngakho-ke, bazalwane abangcwele, enihlanganyela ukubiza kwasezulwini, qaphelani umPhostoli nomPristi omkhulu wesivumo sethu uJesu,


Qondani-ke ukuthi ungakanani yena owanikwa okweshumi kwempango ngu-Abrahama ukhokho.


Uma-ke kukhona kini oswela ukuhlakanipha, makacele kuNkulunkulu obapha bonke ngobuhle engajakadi, khona uyakuphiwa.


Lokhu kuhlakanipha akusikho okwaphezulu kodwa kungokomhlaba, kungokwemvelo, kungokwamademoni;


Kepha ukuhlakanipha okwaphezulu okokuqala kumhlophe, andukuba kube nokuthula, nokuva, nokulalela, kugcwele isihawu nezithelo ezinhle; akunakungabaza, akunakuzenzisa.


Kepha sazi ukuthi iNdodana kaNkulunkulu isifikile, yasinika ingqondo ukuze simazi oweqiniso; sikuye oweqiniso, kuyo iNdodana yakhe uJesu Kristu. Yena unguNkulunkulu oqinisileyo nokuphila okuphakade.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ