Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 kuThimothewu 2:21 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 ngalokho uma umuntu ezihlanza kulezo zinto, uyakuba yisitsha esihloniphekayo, esingcwelisiwe, esinosizo kumninindlu, esilungiselwe umsebenzi wonke omuhle.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

21 Ngakho-ke uma umuntu ezihlanza kulezi zinto, uyakuba yisitsha esihloniphekileyo, esingcwelisiweyo, esinosizo kumninindlu, esilungiselwe wonke umsebenzi omuhle.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

21 Ngakho-ke uma umuntu ezihlanza kulezizinto, uyakuba yisitsha esihloniphekayo, esingcwelisiwe, esilungele umninindlu, esilungiselwe yonke imisebenzi emihle.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Ngakho-ke uma umuntu ezihlanza kulezizinto, uyakuba yisitsha esihloniphekayo, esingcwelisiwe, esilungele umninindlu, esilungiselwe yonke imisebenzi emihle.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 kuThimothewu 2:21
21 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Insizwa iyakuyihlanza kanjani indlela yayo na? Ngokuqaphela okwezwi lakho.


ngibuyisele isandla sami kuwe, ngicwengisise impela amanyela akho, ngisuse lonke ithini* lakho,


Mukani, mukani, niphume lapha, ningathinti okungcolileyo, niphume phakathi kwalo, nizihlambulule nina eniphatha izitsha zikaJehova.


Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: “Uma ubuya, ngiyakukubuyisa, ume phambi kwami; uma ukhipha okuyigugu kokungamanyala, uyakuba ngumlomo wami; laba bayakubuyela kuwe, kepha wena awuyikubuyela kubo.


Siyakuhlala sicwengisisa sihlanza isiliva, sihlambulule amadodana kaLevi, siwahluze njengegolide nesiliva, aze anikele ngeminikelo kuJehova ngokulunga.


INkosi yayisithi kuye: “Hamba, ngokuba lo uyisitsha sami esikhethiweyo sokuphatha igama lami phambi kwabezizwe, namakhosi, nabantwana bakwa-Israyeli,


Khiphani imvubelo endala ukuze nibe yinhlama entsha, njengalokhu ningabangenamvubelo. Ngokuba nelethu iphasika lihlatshiwe, elinguKristu.


Lokhu sinalezo zithembiso, bathandwa, masizihlambulule ekungcoleni konke kwenyama nokomoya, siphelelise ubungcwele ngokumesaba uNkulunkulu.


Kepha uNkulunkulu unamandla okunipha umusa wonke uvame, ukuze kuthi ninokwanela konke ezintweni zonke ngezikhathi zonke, nivame imisebenzi yonke emihle,


Ngokuba singumsebenzi wakhe kuKristu Jesu, sidalelwe imisebenzi emihle ayilungisela ngaphambili uNkulunkulu ukuba sihambe kuyo.


Kepha wena muntu kaNkulunkulu, balekela lezo zinto; jonga ukulunga, nokumesaba uNkulunkulu, nokukholwa, nothando, nokubekezela, nobumnene.


Kepha ukukhuluma kwezwe okuyize ukugweme; ngokuba bayakuqhubekela phambili ekungamesabini uNkulunkulu,


Kepha endlini enkulu akukho izitsha zegolide nezesiliva kuphela kodwa nezemithi nezebumba, ezinye ezihloniphekayo, ezinye ezingahloniphekiyo;


ukuze umuntu kaNkulunkulu aphelele, apheleliselwe yonke imisebenzi emihle.


nguLuka yedwa onami. Thatha uMarku, uze naye, ngokuba unosizo kimi ekukhonzeni.


Bakhumbuze ukuba bathobele ababusi neziphathimandla, balalele, balungele imisebenzi yonke emihle,


Nabakithi mabafunde ukukhuthalela imisebenzi emihle njengokuswelekileyo, ukuze bangabi ngabangenazithelo.


Lithembekile leli zwi. Ngithanda ukuba uqinise impela ngalezo zinto, ukuze abakholwa nguNkulunkulu bakhuthalele ukwenza imisebenzi emihle. Lezo zinto zinhle, zinosizo kubantu;


Senihlambululile imiphefumulo yenu ngokulalela iqiniso, nize nithande abazalwane ngokungazenzisi, thandanani ngokupheleleyo omunye nomunye ngenhliziyo,


ukuze ukuvivinywa kokukholwa kwenu okuyigugu kunegolide elibhubhayo noma livivinywa ngomlilo kufunyanwe kube ngukubongwa, nodumo, nokutuseka ekwambulweni kukaJesu Kristu;


Bonke abanalo lelo themba kuye bayazihlambulula, njengokuba yena ehlambulukile.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ