Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 kaPetru 3:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 bethi: “Siphi isithembiso sokufika kwakhe na? Ngokuba kuselokhu obaba balala, konke kumi kunjalo njengakwasekuqaleni kokudalwa.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

4 bethi: “Siphi isithembiso sokufika kwakhe na? Ngokuba selokhu okhokho balala, zonke izinto zisenjengoba zazinjalo kusukela ekuqaleni kokudalwa.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

4 bethi: Siphi isithembiso sokufika kwakhe? ngoba selokhu okhokho balala, zonke izinto zimi njengoba zazinjalo kusukela ekuqaleni kokudalwa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

4 bethi: Siphi isithembiso sokufika kwakhe? ngoba selokhu okhokho balala, zonke izinto zimi njengoba zazinjalo kusukela ekuqaleni kokudalwa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 kaPetru 3:4
20 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wayesephuma uLoti, wakhuluma nabakhwenyana bakhe ababeyakuthatha amadodakazi akhe, wathi: “Sukani niphume kule ndawo, ngokuba uJehova uyakuchitha umuzi.” Kepha wayenjengontelayo emehlweni abakhwenyana bakhe.


Okwake kwaba khona yikho okuyakuba khona, nokwake kwenziwa yikho okuyakwenziwa; akukho okusha phansi kwelanga.


Ngenxa yokuba ububi obenziwayo bungahlulelwa masinyane, ngalokho izinhliziyo zamadodana abantu phakathi kwawo zigcwele ukwenza okubi,


Bheka, bathi kimi: “Liphi izwi likaJehova na? Malize phela.”


athi: ‘Akuseduze yini ukuba kwakhiwe izindlu? Lo muzi uyikhanzi, thina siyinyama.’


Nimkhathazile uJehova ngamazwi enu. Nokho nithi: “Simkhathaze kanjani?” Ngokusho ukuthi: “Bonke abenza okubi bahle emehlweni kaJehova; yena uthokoza ngabo,” noma: “Uphi uNkulunkulu wokwahlulela na?”


Ngokuba iNdodana yomuntu iyakuza ngenkazimulo kaYise kanye nezingelosi zayo; khona-ke iyakuvuza yilowo nalowo ngesenzo sakhe.


Ngiqinisile ngithi kini: Bakhona abanye kwabemi lapha abangayikuzwa ngempela ukufa, baze bayibone iNdodana yomuntu iza embusweni wayo.”


Nomaphi lapho kukhona isidumbu, kulapho amanqe eyakubuthana khona.


Kodwa uma leyo nceku embi ithi enhliziyweni yayo: ‘Inkosi yami ilibele,’


Kepha kusukela ekuqaleni kokudalwa uNkulunkulu wabenza owesilisa nowesifazane.


Ngokuba lezo zinsuku ziyakuba nosizi olungazange lube khona olunjalo kwasekuqaleni kokudalwa akudalayo uNkulunkulu kuze kube manje, nolungasayikuba khona.


Kepha uma leyo nceku ithi enhliziyweni yayo: ‘Inkosi yami ilibele ukufika,’ iqale ukushaya abafana namantombazana, idle, iphuze, idakwe,


Wayeseguqa phansi, wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Nkosi, ungababaleli lesi sono.” Eseshilo lokho walala ubuthongo.


Ngokuba liyini ithemba lethu, nokuthokoza, nomqhele wokuzibonga phambi kweNkosi yethu uJesu Kristu ekufikeni kwakhe, kungeyinina na?


nibheka nilangazelela ukufika kosuku lukaNkulunkulu ayakubhidlika ngalo amazulu, ashe, konke kushe, kuncibilike, na?


“Nakuyo ingelosi yebandla laseLawodikeya loba ukuthi: “Nakhu akushoyo u-Amen, ufakazi othembekayo noqinisileyo, ukuqala kokudaliweyo kukaNkulunkulu, uthi:


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ