Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 9:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Yanika inkosi amatalenta* ayikhulu namashumi amabili egolide, namakha amaningi kakhulu, namatshe ayigugu; awazange abe khona amakha anjengalawo inkosi uSolomoni eyaphiwa wona yinkosikazi yaseSheba.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

9 Indlovukazi yaseShebha yanika inkosi amathalenta egolide ayi-120, amakha amaningi kakhulu, namatshe ayigugu; akukho omunye owake wanika inkosi uSolomoni amakha amaningi njengalawo awaphiwa yindlovukazi yaseShebha.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Yanika inkosi amatalenta egolide ayikhulu namashumi amabili, namakha amaningi, namatshe ayigugu; kwakungekho makha anjengalawo indlovukazi yaseSheba eyawanika inkosi uSolomoni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 9:9
10 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Uyise u-Israyeli wayesethi kubo: “Uma kunjalo, yenzani lokhu; phathani izithelo ezikhethiweyo zezwe emasakeni enu, nimehlisele lowo muntu isipho, ibhalisamu* eliyingcosana, nezinyosi eziyingcosana, namakha, nemure,* namapisitakiyo,* nama-alimondi,*


Yanika inkosi amatalenta* ayikhulu namashumi amabili egolide, namakha amaningi kakhulu, namatshe ayigugu; akuzange kusafika amakha amaningi kangaka njengalawo inkosi uSolomoni eyaphiwa wona yinkosikazi yaseSheba.


UHiramu wayesethuma enkosini amatalenta* ayikhulu namashumi amabili egolide.


Inkosikazi yaseSheba isizwile udumo lukaSolomoni yeza ukumvivinya uSolomoni eJerusalema ngezimfumbe, inehele elikhulu kakhulu, namakamela ethwele amakha, negolide eliningi, namatshe ayigugu; isifikile kuSolomoni yakhuluma naye ngakho konke okusenhliziyweni yayo.


Izinceku zikaHiramu nezinceku zikaSolomoni ezabuya negolide e-Ofiri zaletha imi-alimugi* namatshe ayigugu.


Baletha, kwaba yilowo nalowo isipho sakhe, izitsha zesiliva, nezitsha zegolide, nezingubo, nezikhali, namakha, namahhashi, neminyuzi,* okwenziwa iminyaka ngeminyaka.


Makabongwe uJehova uNkulunkulu wakho owenamele wena ukuba akubeke esihlalweni sakhe sobukhosi ukuba ube yinkosi kuJehova uNkulunkulu wakho; ngokuba uNkulunkulu wakho wamthanda u-Israyeli waze wammisa kuze kube phakade, ngalokho wakubeka inkosi phezu kwabo ukuba wenze ukwahlulela nokulunga.”


Amakhosi aseTharishishi naweseziqhingini ayakuletha izipho; amakhosi aseSheba naseSeba ayakwethula izipho.


Iyakuphila, bayinike igolide laseSheba, bayithandazele njalo, bayibusise lonke usuku.


UJehova wathi kuMose: “Zithabathele amakha athaphukayo, inathafi* neshehelethe* nehelibena,* amakha kanye nenhlaka ecwengekileyo, kulingane konke,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ