Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 9:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Babusiswe abantu bakho, zibusisiwe lezi zinceku zakho ezimi njalo phambi kwakho, zizwa ukuhlakanipha kwakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

7 Babusisiwe abantu bakho, zibusisiwe lezi zinceku zakho ezihlala zimi njalo phambi kwakho, zizwa ukuhlakanipha kwakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Ayajabula amadoda akho, futhi zibusisiwe lezi zinceku zakho ezimi njalo phambi kwakho futhi zizwa ukuhlakanipha kwakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 9:7
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Babusisiwe abantu bakho, zibusisiwe lezi zinceku zakho ezimi njalo phambi kwakho, zizwa ukuhlakanipha kwakho.


Kepha angikholwanga ngamazwi abo, ngaze ngafika, kwabona amehlo ami; bheka, angitshelwanga nanxenye yobukhulu bokuhlakanipha kwakho; uyadlula udumo engaluzwayo.


Makabongwe uJehova uNkulunkulu wakho owenamele wena ukuba akubeke esihlalweni sakhe sobukhosi ukuba ube yinkosi kuJehova uNkulunkulu wakho; ngokuba uNkulunkulu wakho wamthanda u-Israyeli waze wammisa kuze kube phakade, ngalokho wakubeka inkosi phezu kwabo ukuba wenze ukwahlulela nokulunga.”


Kunye engikucele kuJehova, ngiyakufuna khona: ukuba ngihlale endlini kaJehova izinsuku zonke zokuphila kwami ukubona ubuhle bukaJehova, ngibuke ithempeli lakhe.


Izindebe zolungileyo ziyondla abaningi, kepha iziwula ziyafa ngokuswela ingqondo.


Ohamba nabahlakaniphileyo uyakuhlakanipha, kepha umngane weziwula uyakushoshozelwa yizo.


ngokuba inzuzo yakho inhle kunenzuzo yesiliva, nokutholakalayo kukho kunegolide.


Isihhe neqiniso makungakushiyi; kubophe entanyeni yakho, ukulobe esibhebheni senhliziyo yakho,


Ubusisiwe umuntu ongizwayo, elinda imihla ngemihla ngasemasangweni ami, ehlala ngasezinsikeni zeminyango yami.


Kepha yena wathi: “Yebo, kodwa kakhulu babusisiwe abalizwa izwi likaNkulunkulu, balilondoloze.”


owathi ngoyise nangonina: ‘Angibabonanga,’ angabavuma futhi abafowabo, angabazi abantwana bakhe, ngokuba baliqaphele izwi lakho, bagcina isivumelwano sakho.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ