Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 9:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 USolomoni wayiphendula ezindabeni zayo zonke; kwakungekho nto eyayifihlelwe uSolomoni angayitshelanga yona.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

2 USolomoni wayiphendula kukho konke eyambuza khona, akukho lutho olufihlakeleyo uSolomoni angakwazanga ukuyichachisela khona.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

2 USolomoni wayiphendula yonke imibuzo yakhe; kwakungekho lutho olufihlekile kuSolomoni angamtshelanga lona.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 9:2
12 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

bheka, ngenzile njengezwi lakho: nakhu, ngikunika inhliziyo enokuhlakanipha nokuqonda, okungazange kube khona okunjengakho ngaphambi kwakho nokungayikuvela futhi okunjengakho nangasemva kwakho.


UNkulunkulu wamnika uSolomoni ukuhlakanipha nengqondo ebanzi kakhulu, nenhliziyo enkulu ngangesihlabathi esisogwini lolwandle.


Inkosikazi yaseSheba isizwile udumo lukaSolomoni yeza ukumvivinya uSolomoni eJerusalema ngezimfumbe, inehele elikhulu kakhulu, namakamela ethwele amakha, negolide eliningi, namatshe ayigugu; isifikile kuSolomoni yakhuluma naye ngakho konke okusenhliziyweni yayo.


Inkosikazi yaseSheba isibonile ukuhlakanipha kukaSolomoni, nendlu ayakhileyo,


Ohamba nabahlakaniphileyo uyakuhlakanipha, kepha umngane weziwula uyakushoshozelwa yizo.


Amazwi omlomo womuntu anjengamanzi ajulileyo, nomfula ogobhozayo, nomthombo wokuhlakanipha.


Wathi kubo: “Nina niphiwe imfihlakalo yombuso kaNkulunkulu, kodwa abangaphandle benzelwa konke ngemifanekiso,


kodwa ngaphandle komfanekiso kakhulumanga kubo; kepha sebebodwa wabachasisela abafundi bakhe konke.


Angisasho ukuthi niyizinceku, ngokuba inceku ayikwazi ukuthi inkosi yayo yenzani, kepha ngithe ningabahlobo nina, ngokuba konke engikuzwile kuBaba nginazisile khona.


okufihlwe kuye amagugu onke okuhlakanipha nowokwazi.


Ngokuba izwi likaNkulunkulu liphilile, linamandla, libukhali kunezinkemba zonke ezisika nhlangothi zombili, lihlaba kuze kwahlukaniswe umphefumulo nomoya, amalungu nomnkantsha, lahlulela imicabango nezizindlo zenhliziyo;


Uma-ke kukhona kini oswela ukuhlakanipha, makacele kuNkulunkulu obapha bonke ngobuhle engajakadi, khona uyakuphiwa.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ