Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 8:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Wamisa njengomthetho kaDavide uyise izigaba zabapristi enkonzweni yabo, namaLevi ezikhundleni zawo ukuba adumise, akhonze phambi kwabapristi njengokudingekayo imihla ngemihla, nabalindisango ngezigaba zabo emasangweni ngamasango, ngokuba uDavide umuntu kaNkulunkulu wayeyale kanjalo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

14 Njengokomthetho kayise uDavide, abaphristi wabamisa ngokwezigaba zabo enkonzweni, nabaLevi ezikhundleni zabo, ukuba badumise, bakhonze phambi kwabaphristi njengemfanelo imihla ngemihla. Abalindimasango nabo wabamisa ngezigaba zabo emasangweni; kulelo nakulelo sango, ngokuba uDavide, umuntu kaNkulunkulu, wayeyale ukuba kube kanjalo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Njengesimiso sikayise uDavide, wamisa izigaba zabapristi enkonzweni yabo, namaLevi ezikhulwini zabo ukuba badumise, bakhonze phambi kwabapristi njengenkonzo yezinsuku zonke, nabalindisango ngokwenkonzo yabo isevisi. Emigwaqweni kuwo onke amasango, ngokuba wamyala kanjalo uDavide umuntu kaNkulunkulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 8:14
33 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

“UMoya kaJehova wakhuluma ngami; izwi lakhe lalisolimini lwami.


Bheka, kwavela kwaJuda umuntu kaNkulunkulu ngezwi likaJehova, weza eBethele; uJerobowamu wayemi e-altare ukushisa impepho.


Wayeseshiya khona ngaphambi komphongolo wesivumelwano sikaJehova u-Asafa nabafowabo ukuba bakhonze phambi komphongolo njalo ngokomsebenzi wemihla ngemihla,


kwakukhona kubo, oHemani noJeduthuni, amacilongo namasimbali* alabo abayakuwakhalisa, nezinto zokubethwa kuNkulunkulu; amadodana kaJeduthuni ayengasesangweni.


UDavide wayesemdala, esanelisiwe yizinsuku; wambeka uSolomoni indodana yakhe abe yinkosi kwa-Israyeli.


Nazi izigaba zamadodana ka-Aroni: amadodana ka-Aroni: ngoNadabi, no-Abihu, no-Eleyazare, no-Itamari.


ODavide, noSadoki wamadodana ka-Eleyazare, no-Ahimeleki wamadodana ka-Itamari babahlukanisa ngezigaba zabo njengenkonzo yabo.


UDavide nezinduna zempi base bahlukanisela inkonzo amanye amadodana ka-Asafa, nakaHemani, nakaJeduthuni, ayeyakuprofetha ngamahabhu,* nangezingubhu, nangamasimbali;* umumo wabantu balo msebenzi wenkonzo wawunje:


Izigaba zabalindisango zaziyilezi: kumaKorahi: nguMeshelemiya indodana kaKore emadodaneni ka-Asafa.


“Konke lokho,” washo uDavide, “ngikuqondisiwe ngokubhalwe ngesandla sikaJehova, yebo, wonke umsebenzi walesi sifanekiso.”


nabalindisango oShalumi, no-Akubi, noThalimoni, no-Ahimani, nabafowabo; uShalumi wayeyinhloko.


Abalindi babekhona ezinhlangothini ezine: ngasempumalanga, nangasentshonalanga, nangasenyakatho, nangaseningizimu.


Wamisa abalindisango emasangweni endlu kaJehova ukuba kungangeni ongcolile noma ngantoni.


Nansi into eniyakuyenza: abesithathu kini abangena ngesabatha, ababapristi nabamaLevi, bayakuba ngabalindisango,


Wawamisa amaLevi endlini kaJehova ephethe amasimbali,* nezingubhu, namahabu* njengesiyalezo sikaDavide nesikaGadi umboni wenkosi nesikaNathani umprofethi, ngokuba isiyalezo sasingesikaJehova ngesandla sabaprofethi bakhe.


UHezekiya wamisa izigaba zabapristi nezamaLevi ngezigaba zabo, kwaba yilowo nalowo njengenkonzo yakhe, abapristi namaLevi beminikelo yokushiswa neminikelo yokuthula, ukuba bakhonze, babonge, badumise emasangweni ekamu* likaJehova,


Yayisilungiswa-ke inkonzo; abapristi bema ezindaweni zabo namaLevi ngezigaba zawo njengesiyalezo senkosi.


Abahlabeleli, amadodana ka-Asafa, babe sendaweni yabo njengokwesiyalezo sikaDavide, no-Asafa, noHemani, noJeduthuni umboni wenkosi; abalindisango babengasesangweni; kwakungadingeki ukuba basuke emsebenzini wabo, ngokuba abafowabo amaLevi babalungisela.


Zilungiseni ngezindlu zawoyihlo ngezigaba zenu njengokubhala kukaDavide inkosi yakwa-Israyeli nanjengokubhala kukaSolomoni indodana yakhe,


Kwathi lapho abapristi sebephumile endaweni engcwele ngokuba bonke abapristi ababe khona babezingcwelisile bengazigcinanga izigaba zabo,


Abaphambukanga emiyalweni yenkosi kubapristi namaLevi ngalutho, nangengcebo.


Bamisa abapristi ngamaqembu abo namaLevi ngezigaba zawo ukuba baphathe inkonzo kaNkulunkulu eseJerusalema njengokulotshiweyo encwadini kaMose.


Izinhloko zamaLevi nazi: oHashabiya, noSherebiya, noJeshuwa, indodana kaKadimiyeli, kanye nabafowabo malungana nabo, ukuba badumise, babonge njengemiyalo kaDavide, umuntu kaNkulunkulu, isigaba malungana nesigaba.


OMathaniya, noBakibukiya, no-Obadiya, noMeshulamu, noThalimoni, no-Akubi babe ngabalindisango, belinda izindlu zokubekelela ngasemasangweni.


nabafowabo oShemaya, no-Azareli, noMilalayi, noGilalayi, noMahayi, noNethaneli, noJuda, noHanani, bephethe izinto zokubethwa zikaDavide, umuntu kaNkulunkulu; u-Ezra, umbhali, wayengaphambi kwabo.


Emihleni kaHerode inkosi yaseJudiya kwakukhona umpristi othile ogama lakhe nguZakariya, esigabeni sika-Abiya, nomkakhe engowamadodakazi ka-Aroni, igama lakhe ngu-Elisabethe.


Kwathi-ke esayenza inkonzo yobupristi phambi kukaNkulunkulu njengokuhlelwa kwesikhathi sesigaba sakubo,


Esemkhiphile wabavusela uDavide abe yinkosi, afakaza ngaye ukuthi: ‘Ngimfumene uDavide kaJesayi, umuntu ongowenhliziyo yami, oyakwenza konke engikuthandayo.’


“Ngokuba uDavide esekhonzile icebo likaNkulunkulu esizukulwaneni sakhe, walala ubuthongo, wabekwa koyise, wabona ukubola.


Nasi isibusiso uMose, umuntu kaNkulunkulu, abusisa ngaso abantwana bakwa-Israyeli, engakafi; wathi:


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ