Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 8:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 njengokudingekayo imihla ngemihla, enikela njengemiyalo kaMose ngamasabatha, nangokwethwasa kwenyanga, nangemikhosi emisiweyo, kathathu ngomnyaka: ngomkhosi wesinkwa esingenamvubelo, nangomkhosi wamasonto, nangomkhosi wamadokodo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

13 njengalokhu kufanele, imihla ngemihla. Wayenikela njengokomyalo kaMose, ngamasabatha, ngokwethwasa kwenyanga, nangemikhosi emisiweyo. Wayenikela kathathu ngonyaka: ngomkhosi wesinkwa esingenamvubelo, ngomkhosi wamasonto, nangomkhosi wamadokodo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

13 yebo ngokwesilinganiso esithile izinsuku zonke, umnikelo womyalo kaMose, ngamasabatha, nokuthwasa kwenyanga, nangemikhosi, kathathu ngomnyaka, ngomkhosi wesinkwa esingenamvubelo nangomkhosi. Lamasonto, nangomkhosi wamadokodo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 8:13
12 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kathathu ngomnyaka uSolomoni wanikela ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yokuthula e-altare ayelakhele uJehova, eshisa impepho kanye nayo phambi kukaJehova. Wayeseyiqedile indlu.


USolomoni wathumela kuHiramu inkosi yaseTire, wathi: “Njengalokho wakwenza kuDavide ubaba, wathuma kuye imisedari,* azakhele ngayo indlu ukuba ahlale kuyo, yenze njalo nakimi.


Ibandla lonke lababuyileyo ekuthunjweni lenza amadokodo, lahlala emadokodweni, ngokuba kusukela ezinsukwini zikaJeshuwa, indodana kaNuni, kuze kube yilolo suku abantwana bakwa-Israyeli babengenzanga kanjalo. Kwakukhona ukuthokoza okukhulu kakhulu.


“Uyakugcina umkhosi wamasonto, owolibo lukakolweni ovuniweyo, nomkhosi wokuvuna ngasekupheleni komnyaka.


Kathathu ngomnyaka abesilisa bakho bonke bayakubonakala phambi kweNkosi uJehova, uNkulunkulu ka-Israyeli.


Kuyakuba phezu kwesikhulu ukunikela ngeminikelo yokushiswa, nangeminikelo yempuphu, nangeminikelo yokuphuzwa emikhosini, nasekwethwaseni kwenyanga, nangamasabatha emikhosini yonke emisiweyo yendlu yakwa-Israyeli, silungise umnikelo wesono, nomnikelo wempuphu, nomnikelo wokushiswa, neminikelo yokuthula ukwenzela indlu yakwa-Israyeli ukubuyisana.


“Kathathu ngomnyaka bonke abesilisa bakho bayakubonakala phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho endaweni ayakuyikhetha: ngomkhosi wesinkwa esingenamvubelo, nangomkhosi wamasonto, nangomkhosi wamadokodo; bangabonakali phambi kukaJehova bengenalutho;


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ