Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 7:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Ngosuku lwesishiyagalombili benza umhlangano ozothileyo ngokuba ukuhlanjululwa kwe-altare bakwenza izinsuku eziyisikhombisa nomkhosi izinsuku eziyisikhombisa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

9 Kwathi ngosuku lwesishiyagalombili benza umhlangano ozothileyo ngokuba begcinile ukubusiswa kwe-althare izinsuku eziyisikhombisa nomkhosi izinsuku eziyisikhombisa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Ngosuku lwesishiyagalombili benza umkhosi, ngokuba ukungcwelisa i-altare izinsuku eziyisikhombisa nomkhosi izinsuku eziyisikhombisa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 7:9
10 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Onke amadoda akwa-Israyeli abuthana enkosini uSolomoni emkhosini wasenyangeni ka-Ethanimi eyinyanga yesikhombisa.


USolomoni wagubha-ke umkhosi ngaleso sikhathi naye wonke u-Israyeli enaye, ibandla elikhulu, kusukela ekuyeni eHamati kuze semfuleni waseGibithe, ngaphambi kukaJehova uNkulunkulu wethu izinsuku eziyisikhombisa nezinsuku eziyisikhombisa, okungukuthi izinsuku eziyishumi nane.


Lonke ibandla lase livumelana ukugubha ezinye izinsuku eziyisikhombisa; bagubha ezinye izinsuku eziyisikhombisa ngokuthokoza.


Ngosuku lwamashumi amabili nantathu lwenyanga yesikhombisa wabamukisa abantu baya ematendeni abo, bethokoza benezinhliziyo ezenamileyo ngobuhle uJehova abenzele oDavide noSolomoni no-Israyeli abantu bakhe.


Wafunda encwadini yomthetho kaNkulunkulu imihla ngemihla kusukela osukwini lokuqala kuze kube lusuku lokugcina. Bagubha umkhosi izinsuku eziyisikhombisa; ngosuku lwesishiyagalombili kwakungumhlangano ozothileyo njengomthetho.


Izinsuku eziyisikhombisa wolenzela i-altare ukubuyisana, ulingcwelise, i-altare libe ngcwele kakhulu, nabo bonke abalithintayo bayakuba ngabangcwele.


Ngcwelisani ukuzila ukudla, nibize umhlangano; buthani amalunga, yebo, bonke abakhe ezweni, endlini kaJehova uNkulunkulu wenu, nikhale kuJehova.


Izinsuku eziyisikhombisa niyakunikela ngomnikelo womlilo kuJehova; ngosuku lwesishiyagalombili nibe nomhlangano ozothileyo, ninikele ngomnikelo womlilo kuJehova; kungumhlangano wokugcina; ningasebenzi msebenzi.


Izikhulu zanikelela ukwahlukaniselwa kwe-altare ngosuku lokugcotshwa kwalo, izikhulu zanikela ngomnikelo wazo phambi kwe-altare.


Izinsuku eziyisithupha uyakudla isinkwa esingenamvubelo, ngosuku lwesikhombisa kube ngumhlangano ozothileyo kuJehova uNkulunkulu wakho; ungasebenzi msebenzi.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ