Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 7:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 USolomoni wagubha-ke umkhosi ngaleso sikhathi izinsuku eziyisikhombisa, wonke u-Israyeli enaye, ibandla elikhulu kakhulu, kusukela ekuyeni eHamati kuze kube semfuleni waseGibithe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

8 Ngaleso sikhathi uSolomoni wagubha umkhosi izinsuku eziyisikhombisa, wonke u-Israyeli enaye, eyibandla elikhulu kakhulu, kusukela eLebo Hamathi kuze kube semfuleni eGibhithe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

8 USolomoni wagubha umkhosi ngaleso sikhathi izinsuku eziyisikhombisa, no-Israyeli wonke kanye naye, ibandla elikhulu kakhulu, kusukela ekuyeni eHamati kuze kube semfuleni waseGibithe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 7:8
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngalolo suku uJehova wasenza isivumelwano no-Abrama, wathi: “Ngiyakunika inzalo yakho leli zwe, kusukela emfuleni waseGibithe kuze kube semfuleni omkhulu, umfula u-Ewufrathe:


Onke amadoda akwa-Israyeli abuthana enkosini uSolomoni emkhosini wasenyangeni ka-Ethanimi eyinyanga yesikhombisa.


USolomoni wagubha-ke umkhosi ngaleso sikhathi naye wonke u-Israyeli enaye, ibandla elikhulu, kusukela ekuyeni eHamati kuze semfuleni waseGibithe, ngaphambi kukaJehova uNkulunkulu wethu izinsuku eziyisikhombisa nezinsuku eziyisikhombisa, okungukuthi izinsuku eziyishumi nane.


Kwabuthana eJerusalema abantu abaningi ukuba bagubhe umkhosi wesinkwa esingenamvubelo ngenyanga yesibili, ibandla elikhulu kakhulu.


Kwakukhona-ke ukuthokoza okukhulu eJerusalema, ngokuba kusukela esikhathini sikaSolomoni indodana kaDavide, inkosi yakwa-Israyeli, akuzange kube khona okunjalo eJerusalema.


Onke amadoda akwa-Israyeli abuthana enkosini emkhosini wasenyangeni yesikhombisa.


“ ‘Ngenyanga yesikhombisa ngosuku lweshumi nanhlanu lwenyanga emkhosini siyakwenza okunjengalezo zinsuku eziyisikhombisa, kunjengomnikelo wesono, nomnikelo wokushiswa, nomnikelo wempuphu, namafutha.


“Uhlangothi lwasentshonalanga luyakuba luLwandle Olukhulu, kusukela emkhawulweni kuze kuqondane nokuya eHamati. Lolu luluhlangothi lwasentshonalanga.


“Ngokuba bhekani, ngiyakunivusela isizwe nina ndlu ka-Israyeli,” usho uJehova uNkulunkulu Sebawoti; “bayakunicindezela kusukela ekuyeni eHamati kuze kube semfuleni wase-Araba.”


Kwase kusondele umkhosi wabaJuda, owamadokodo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ