Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 7:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Inkosi uSolomoni yanikela ngomhlatshelo wezinkunzi eziyizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili nezimvu eziyizinkulungwane eziyikhulu namashumi amabili. Inkosi nabo bonke abantwana bakwa-Israyeli bahlambulula-ke indlu kaJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

5 Inkosi uSolomoni yanikela ngomhlatshelo wezinkunzi eziyizi-22 000, nezimvu eziyizi-120 000. Inkosi nabo bonke abakwa-Israyeli, bayibusisa kanjalo-ke indlu kaNkulunkulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Inkosi uSolomoni yanikela ngomhlatshelo wezinkomo eziyizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili nezimvu eziyizinkulungwane eziyikhulu namashumi amabili; inkosi nabo bonke abantu bayingcwelisa indlu kaNkulunkulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 7:5
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Bamhlabela uJehova imihlatshelo, banikela ngeminikelo yokushiswa kuJehova ngangomuso emva kwalolo suku, izinkunzi eziyinkulungwane, nezinqama eziyinkulungwane, namawundlu ayinkulungwane kanye neminikelo yakho yokuphuzwa, nemihlatshelo eminingi ngo-Israyeli wonke;


USolomoni wanikela khona phambi kukaJehova e-altare lethusi elalingasetendeni lokuhlangana, wanikela ngeminikelo eyinkulungwane yokushiswa phezu kwalo.


Bahlabela uJehova ngalolo suku empangweni ababeyilethile, izinkabi ezingamakhulu ayisikhombisa nezimvu eziyizinkulungwane eziyisikhombisa.


Bheka, ngiyakhela igama likaJehova uNkulunkulu wami indlu ukuba ngimngcwelisele yona, ngishise phambi kwakhe impepho ethaphukayo, kubekwe njalo izinkwa zokubukwa, kunikelwe ngeminikelo yokushiswa ekuseni nakusihlwa ngamasabatha, nangokwethwasa kwenyanga, nangemikhosi emisiweyo kaJehova uNkulunkulu wethu. Lokhu kungumthetho kwa-Israyeli kuze kube phakade.


Ngokuba uHezekiya inkosi yakwaJuda wayenikile ibandla izinkunzi eziyinkulungwane nezimvu eziyizinkulungwane eziyisikhombisa zibe yiminikelo, nezikhulu zazinikile ibandla izinkunzi eziyinkulungwane nezimvu eziyizinkulungwane eziyishumi; abapristi abaningi bazingcwelisa.


Inkosi uSolomoni nayo yonke inhlangano yakwa-Israyeli eyayihlangene kuyo babe phambi komphongolo behlaba izimvu nezinkabi ezingenakulotshwa, zingenakubalwa ngobuningi bazo.


Inkosi nabo bonke abantu base benikela ngomhlatshelo phambi kukaJehova.


Abapristi bema njengezikhundla zabo kanye namaLevi, benezinto zokubethwa ayezenzile uDavide inkosi ukuba babonge uJehova, ngokuba umusa wakhe umi phakade, lapho uDavide edumisa ngezandla zabo; abapristi bakhalisa amacilongo ngaphambi kwabo, esemi wonke u-Israyeli.


Kuyakuba phezu kwesikhulu ukunikela ngeminikelo yokushiswa, nangeminikelo yempuphu, nangeminikelo yokuphuzwa emikhosini, nasekwethwaseni kwenyanga, nangamasabatha emikhosini yonke emisiweyo yendlu yakwa-Israyeli, silungise umnikelo wesono, nomnikelo wempuphu, nomnikelo wokushiswa, neminikelo yokuthula ukwenzela indlu yakwa-Israyeli ukubuyisana.


UJehova uyakwenamela izinkulungwane zezinqama nezinkulungwane eziyishumi zemifula yamafutha na? Ngiyakunika izibulo lami ngenxa yesiphambeko sami, isithelo sesisu sami ngenxa yesono senhliziyo yami, na?


Izikhulu zanikelela ukwahlukaniselwa kwe-altare ngosuku lokugcotshwa kwalo, izikhulu zanikela ngomnikelo wazo phambi kwe-altare.


Khona kwakungumkhosi wokuhlanjululwa kwethempeli eJerusalema, kusebusika.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ