Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 7:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Lapho abantwana bakwa-Israyeli bebona ukwehla komlilo, nenkazimulo kaJehova iphezu kwendlu, bakhothama phansi ngobuso phezu kwendawo egandaywe ngamatshe, bakhuleka, babonga uJehova, ngokuba muhle nangokuba umusa wakhe umi phakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

3 Ngesikhathi abantu bakwa-Israyeli bebona ukwehla komlilo, nenkazimulo kaSimakade iphezu kwendlu, bakhothama bathi mbo ngobuso emhlabathini, phezu kwendawo eyayigandayiwe, bakhuleka, bambonga uSimakade, ngokuba muhle nangokuba umusa wakhe umi phakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Kwathi bonke abantwana bakwa-Israyeli bebona ukuthi umlilo wehla nenkazimulo kaJehova phezu kwendlu, bakhothama ubuso babo bubheke phansi endaweni egandayiwe, bakhuleka, bamdumisa uJehova, bathi: “Ngokuba muhle; ngokuba umusa wakhe umi phakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 7:3
26 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Abantu bonke sebekubonile lokho bawa ngobuso babo, bathi: “UJehova nguye onguNkulunkulu; uJehova nguye onguNkulunkulu.”


Bongani uJehova, ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade.


bekanye nabo oHemani noJeduthuni nensali yabakhethiweyo abakhonjwa ngamagama ukuba bambonge uJehova, ngokuba umusa wakhe umi phakade;


UDavide wathi kulo lonke ibandla: “Ake nibonge uJehova uNkulunkulu wenu.” Lonke ibandla lambonga uJehova uNkulunkulu wawoyise, lakhothama, lakhuleka kuJehova nasenkosini.


Wayesekhothama uJehoshafati, ubuso bakhe bubheke phansi; wonke uJuda nabakhileyo eJerusalema bawa phambi kukaJehova bekhuleka kuJehova.


Eselulekene nabantu wamisa abayakuhlabelela kuJehova ukuba bamdumise behlotshisiwe ngobungcwele, besaphuma ngaphambi kwempi, bathi: “Bongani uJehova, ngokuba umusa wakhe umi phakade.”


Lonke ibandla lakhuleka, abahlabeleli bahlabelela, abamacilongo babetha; konke kwaqhubeka waze waphela umnikelo wokushiswa.


Sebeqedile ukunikela, inkosi nabo bonke ababe nayo bakhothama, bakhuleka.


UHezekiya inkosi nezikhulu bawayala amaLevi ukumdumisa uJehova ngamazwi kaDavide nangaka-Asafa umboni. Badumisa ngokuthokoza, bakhothamisa amakhanda abo, bakhuleka.


nalapho abaphethe amacilongo nabahlabeleli bezwakalisa kanyekanye izwi linye lokudumisa nokubonga uJehova, nanxa bekhalisa amacilongo namasimbali* nezinto zokubethwa, bedumisa uJehova ngokuba muhle nangokuba umusa wakhe umi phakade, khona indlu yagcwaliswa yifu, yona le ndlu kaJehova,


Baphendulana ngokumdumisa nangokumbonga uJehova, bathi: “Ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade phezu kuka-Israyeli.” Bonke abantu bakhamuluka ngokukhamuluka okukhulu ekumdumiseni kwabo uJehova, ngokuba isisekelo sendlu kaJehova sase sibekiwe.


Ngokuba muhle uJehova; umusa wakhe umi phakade, nokuthembeka kwakhe ezizukulwaneni ngezizukulwane.


Kepha umusa kaJehova uphezu kwabamesabayo kwaphakade kuze kube phakade, nokulunga kwakhe kubantwana babantwana,


Haleluya! Bongani uJehova, ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade.


Bongani uJehova, ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade.


Bongani uJehova, ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade.


Wozani; masikhuleke, sikhothame, siguqe phambi kukaJehova, uMenzi wethu.


Abantu bakholwa-ke. Sebezwile ukuthi uJehova ubahambele abantwana bakwa-Israyeli, nokuthi ukubonile ukuhlupheka kwabo, base bekhothama, bakhuleka.


Ngiyakubonga umusa kaJehova, ngimdumise uJehova ngakho konke uJehova asenzele khona, nokuhle okuningi phezu kwendlu ka-Israyeli ayisebenzele khona ngobubele bakhe nangobuningi bomusa wakhe.


izwi lokujabula nezwi lokuthokoza, izwi lomyeni nezwi lomakoti, izwi labathi: “ ‘ “Bongani uJehova Sebawoti, ngokuba uJehova muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade,” “ ‘nelabaletha iminikelo yokubonga endlini kaJehova. Ngokuba ngiyakukubuyisa ukuthunjwa kwezwe njengakuqala,’ usho uJehova.


Kwaphuma umlilo ngaphambi kukaJehova, waqeda umnikelo wokushiswa namanoni e-altare; sebekubona abantu bonke bananela, bakhothamela phansi ngobuso.


Khona oMose no-Aroni bawa ngobuso babo phambi kwebandla lonke lenhlangano yabantwana bakwa-Israyeli.


Bawa ngobuso babo, bathi: “Nkulunkulu, Nkulunkulu wemimoya yenyama yonke, kona umuntu munye, uthukuthelele inhlangano yonke, na?”


Isihawu sakhe sikuzo izizukulwane ngezizukulwane kubo abamesabayo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ