Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 7:22 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Bayakuphendula bathi: ‘Kungokuba bamshiya uJehova uNkulunkulu wawoyise owabakhipha ezweni laseGibithe, babambelela kwabanye onkulunkulu, bakhuleka kubo, babakhonza; ngalokho ubehlisele konke lokho okubi.’ ”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

22 “Bayakuphendula, bathi: ‘Kungokuba bamshiya uSimakade uNkulunkulu wokhokho babo owabakhipha eGibhithe, babambelela kwabanye onkulunkulu, bakhuleka kubo, babakhonza, ngakho-ke ubehlisele konke lokhu okubi.’ ”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Kuyakuthiwa: Ngokuba bamshiya uJehova uNkulunkulu wawoyise owabakhipha ezweni laseGibithe, bathatha abanye onkulunkulu, babakhothamela, babakhonza; ngalokho wabehlisela bonke lobu bubi phezu kwabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 7:22
10 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngalokho wabehlisela inkosi yamaKaledi eyabulala izinsizwa zabo ngenkemba endlini yabo engcwele, ayihawukelanga nansizwa, nantombi, naxhegu, nogugileyo; wabanikela bonke esandleni sayo.


Ngiyakukhipha ukwahlulela kwami phezu kwabo ngenxa yabo bonke ububi babo, ngokuba bangihlubukile, bashisela abanye onkulunkulu impepho, bakhuleka kuyo imisebenzi yezandla zabo.


Usuyakusho kubo ukuthi: ‘Ngenxa yokuba oyihlo bangishiyile,’ usho uJehova, ‘balandela abanye onkulunkulu, babakhonza, bakhuleka kubo, bangishiya, abagcinanga umthetho wami,


Kepha uma ningalaleli lawa mazwi, ngiyazifunga, usho uJehova, ukuthi le ndlu iyakuba yincithakalo.’ ”


Ayakuniduduza, lapho nibona indlela yawo nemisebenzi yawo, nazi ukuthi angenzanga ngaphandle kwesizathu konke engikwenzileyo phakathi kwalo, isho iNkosi uJehova.”


Uqinisile amazwi akhe awakhuluma ngathi nangabahluleli bethu abasahlulelayo ngokusehlisela okubi okukhulu, ngokuba phansi kwezulu lonke akwenziwanga njengokwenziwe kulo iJerusalema.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ