Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 7:20 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 ngiyakubasiphula ezweni lami engibanike lona, nale ndlu engiyingcwelisele igama lami ngiyakuyilahla ebusweni bami, ngiyenze isaga nesifenqo phakathi kwabantu bonke.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

20 ngiyakubasiphula ezweni lami engibanike lona, nale ndlu engiyingcwelisele igama lami ngiyakuyilahla, isuke phambi kwami, ngiyenze isaga nesifengqo phakathi kwabantu bonke.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Ngiyakubasiphula ezweni lami engibanike lona; le ndlu engiyingcwelisele igama lami ngiyakuyilahla ebusweni bami, ngiyenze ibe yisaga nesifenqo phakathi kwezizwe zonke.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 7:20
21 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngokuba uJehova uyakushaya u-Israyeli njengohlanga oluzanyazanyiswa emanzini, asiphule u-Israyeli kuleli zwe elihle alinika oyise, abahlakazele ngaphesheya koMfula,* lokhu benzile o-Ashera* babo, bathukuthelisa uJehova.


ngiyakumnquma u-Israyeli ezweni engimnike lona; nale ndlu engiyingcwelisele igama lami ngiyakuyilahla ebusweni bami, u-Israyeli abe yisaga nesifenqo phakathi kwabantu bonke.


UJehova wala yonke inzalo ka-Israyeli, wayihlupha, wayinikela esandleni sabaphangi, waze wayilahla ebusweni bakhe.


Bayishisa indlu kaNkulunkulu, baludiliza ugange lwaseJerusalema, bazishisa zonke izinqaba ngomlilo, bazichitha zonke izitsha ezinxanelekayo zakhona.


Usenza isaga kwabezizwe, banikine ikhanda phakathi kwabantu.


Ngakho-ke uNkulunkulu uyakukubhidliza kuze kube phakade; uyakukubamba, akukhiphe etendeni lakho, akusiphule ezweni labaphilayo. Sela*


Kepha uma bengalaleli, ngiyakusisiphula nokusisiphula lesi sizwe, ngisichithe,” usho uJehova.


ngalokho ngiyakunizwiba nisuke kuleli zwe, niye ezweni eningalaziyo, nina nawoyihlo; niyakukhonza khona abanye onkulunkulu imini nobusuku, ngokuba angiyikuniphatha ngesihe.’


Ngesikhathi esithile, lapho ngikhuluma ngesizwe nangombuso ukuwusiphula, nokuwudiliza, nokuwuchitha,


“Izizwe eziningi ziyakudlula kulo muzi, zisho, kube yileso naleso kwesinye, ukuthi: ‘UJehova wenzeleni okunje kulo muzi omkhulu na?’


Ngiyakubenza babe yingebhe nokubi emibusweni yonke yomhlaba, babe yihlazo nesaga, isifenqo nesiqalekiso ezindaweni zonke engiyakubaxoshela kuzo.


Kuyakuthi njengalokhu ngibalindile ukuba ngibasiphule, ngibadilize, ngibabhidlize, ngibachithe, ngibahluphe, kanjalo ngiyakubalinda ukuba ngibakhe, ngibatshale,” usho uJehova.


ngokungicunula ngemisebenzi yezandla zenu, nishisela abanye onkulunkulu impepho ezweni laseGibithe, lapho niyile khona ukugogobala, ukuba ninqunywe, nibe yisiqalekiso nehlazo phakathi kwezizwe zonke zomhlaba, na?


“Uyakusho kanje kuye, uthi: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Bheka, lokho engikwakhileyo ngiyakukudiliza, nalokhu engikutshalileyo ngiyakukusiphula, yebo, ezweni lonke.


Ngiyakuletha izizwe ezimbi kakhulu, zidle izindlu zabo, ngiqede ukuzidla kwabanamandla, izindawo zabo ezingcwele zingcoliswe.


Ngokuba uma nibuyela emuva ekumlandeleni, uyakubuye abashiye ehlane, nize nibhubhise laba bantu.”


Uyakuba yisimangaliso, nesaga, nesifenqo phakathi kwezizwe zonke lapho uJehova eyakukuyisa khona.


uJehova wabasiphula ezweni lakubo ngolaka nangokufutheka nangentukuthelo enkulu, wabaphonsa kwelinye izwe njenganamuhla.’


Yilabo abayizisihla emadilini enu othando bedla nani, bengesabi, baziklabisa; bangamafu angenamanzi, aqhutshwa yimimoya; bayimithi yasebusika engenazithelo, efe kabili, isishuliwe;


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ