Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 7:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 UJehova wabonakala kuSolomoni, wathi kuye: “Ngiwuzwile umkhuleko wakho, ngizikhethele le ndawo ukuba ibe yindlu yomhlatshelo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

12 USimakade wabonakala kuSolomoni ebusuku, wathi kuye: “Ngiwuzwile umkhuleko wakho, ngiyikhethile le ndawo ukuba ibe ngeyami, ibe yindlu yomhlatshelo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

12 UJehova wabonakala kuSolomoni ebusuku, wathi kuye: “Ngiwuzwile umkhuleko wakho, ngizikhethele le ndawo ukuba ibe yindlu yomhlatshelo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 7:12
17 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

U-Abrama eneminyaka engamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye uJehova wabonakala ku-Abrama, wathi kuye: “NginguNkulunkulu uSomandla; hamba phambi kwami ungenacala.


uJehova wabonakala kuSolomoni ngokwesibili, njengalokho ayebonakele kuye eGibeyoni.


U-Eliya wathi kuye: “Ake uhlale lapha, ngokuba uJehova ungithumile eJordani.” Kepha wathi: “Kuphila kukaJehova nokuphila kwakho, angiyikukushiya.” Bahamba-ke bobabili.


“Buya, uthi kuHezekiya umholi wabantu bami: ‘Usho kanje uJehova uNkulunkulu kaDavide uyihlo, uthi: Ngizwile umkhuleko wakho, ngibonile izinyembezi zakho; bheka, ngiyakukuphilisa; ngosuku lwesithathu uyakwenyukela endlini kaJehova.


Wabeka isithombe esibaziweyo sika-Ashera* asenzileyo endlini asho ngayo uJehova kuDavide nakuSolomoni indodana yakhe ukuthi: “Kule ndlu naseJerusalema engilikhethile ezizweni zonke zakwa-Israyeli ngiyakubeka igama lami kuze kube phakade;


Ngalobo busuku uNkulunkulu wabonakala kuSolomoni, wathi kuye: “Cela lokhu othanda ukuba ngikunike khona.”


Manje sengiyikhethile ngayingcwelisa le ndlu ukuba igama lami libe khona lapho kuze kube phakade; amehlo ami nenhliziyo yami kuyakuba khona lapho isikhathi sonke.


Jehova, uyakuzwa ukulangazela kwabamnene; uyaqinisa inhliziyo yabo, indlebe yakho uyibeka kubo


Ngempela uNkulunkulu uzwile, walalela izwi lomkhuleko wami.


Isiyakuba mihle kuJehova iminikelo yakwaJuda neyeJerusalema njengasezinsukwini zasendulo naseminyakeni yakuqala.


Kepha ingelosi yathi kuye: “Ungesabi, Zakariya, ngokuba isicelo sakho sizwakele; umkakho u-Elisabethe uzakukuzalela indodana, uyiqambe igama lokuthi uJohane.


yathi: ‘Korneliyu, kuzwakele ukukhuleka kwakho, nokwabela kwakho abampofu izipho kukhunjuliwe phambi kukaNkulunkulu.


kuyakuthi kuleyo ndawo uJehova uNkulunkulu wenu ayakuyikhetha ukuba kuhlale khona igama lakhe, niyise lapho konke enginiyala ngakho: iminikelo yenu yokushiswa, nemihlatshelo yenu, nokweshumi kwenu, nomnikelo wokuphakanyiswa wesandla senu, nezithembiso zenu ezikhethiweyo enizethembisa kuJehova;


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ