Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 6:32 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

32 “Futhi owezizwe ongesiye owabantu bakho u-Israyeli, lapho evela ezweni elikude ngenxa yegama lakho elikhulu nesandla sakho esinamandla nengalo yakho eyeluliweyo, abesefika ukukhuleka kule ndlu,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

32 “Kuyakuthi uma owezizwe ongesiye owabantu bakho u-Israyeli, evela ezweni elikude, ngenxa yegama lakho elikhulu nesandla sakho esinamandla nengalo yakho eyeluliweyo, afike akhuleke kule ndlu,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

32 “Futhi ngomfokazi ongesiye owabantu bakho u-Israyeli, ovela ezweni elikude ngenxa yegama lakho elikhulu, nesandla sakho esinamandla, nangengalo yakho eyeluliweyo; uma beza ukukhuleka kule ndlu;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 6:32
31 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wayesebuyela kulowo muntu kaNkulunkulu, yena nabantu bakhe bonke, weza, wema phambi kwakhe, wathi: “Bheka, sengiyazi ukuthi akakho uNkulunkulu emhlabeni wonke, kwa-Israyeli kuphela; ngakho ake wamukele isipho encekwini yakho.”


Yathi enkosikazini yayo: “Sengathi inkosi yami ingaba phambi komprofethi oseSamariya; khona ibiyakuphiliswa ochokweni lwayo.”


Kwathi u-Elisha umuntu kaNkulunkulu esezwile ukuthi inkosi yakwa-Israyeli iklebhulile izingubo zayo, wathumela enkosini, wathi: “Uklebhuleleni izingubo zakho na? Makeze kimi, aze azi ukuthi kukhona umprofethi kwa-Israyeli.”


ukuba bakwesabe, bahambe ngezindlela zakho zonke izinsuku zokuhamba kwabo ezweni owalinika obaba.


ngesandla esinamandla nangengalo eyeluliweyo, ngokuba umusa wakhe umi phakade;


Ingalo yakho inobuqhawe, isandla sakho sinamandla, esokunene sakho siphakeme.


“Kuyakuthi lapho indodana yakho ikubuza ngesikhathi esizayo, ithi: ‘Kuyini lokhu?’ wothi kuyo: ‘Ngesandla esinamandla uJehova wasikhipha eGibithe, indlu yobugqila.


“Ngalokho yisho kubantwana bakwa-Israyeli ukuthi: ‘NginguJehova; ngizakunikhipha emithwalweni yabaseGibithe, nginikhulule ebugqileni benu, nginihlenge ngengalo eyeluliweyo nangezahlulelo ezinkulu.


Bayakuletha bonke abafowenu bebakhipha ezizweni zonke ngamahhashi, nangezinqola, nangezinhlaka, nangeminyuzi,* nangamakamela, babe ngumnikelo kaJehova, beze entabeni yami engcwele eJerusalema,” usho uJehova, “njengalokhu abantwana bakwa-Israyeli bewuletha umnikelo wabo ngesitsha esihlambulukileyo endlini kaJehova.


Kuyakufika abantu abaningi nezizwe ezinamandla ukufuna uJehova Sebawoti eJerusalema nokunxusa ebusweni bukaJehova.”


Inkosikazi yaseningizimu iyakusukuma ekwahlulelweni kanye nalesi sizukulwane, isilahle; ngokuba yavela emikhawulweni yomhlaba izakuzwa ukuhlakanipha kukaSolomoni; bhekani, lapha kukhona okukhulu kunoSolomoni.


UJesu esezelwe eBetlehema laseJudiya emihleni kaHerode inkosi, bheka, kwafika izazi eJerusalema, zivela empumalanga, zithi:


Nezinye izimvu nginazo ezingesizo ezalesi sibaya; nalezo ngimelwe ukuziletha; ziyakuzwa izwi lami, kube mhlambi munye nomalusi munye.


Kwakukhona amaGreki athile phakathi kwababenyuka ukuba bakhuleke emkhosini.


naseFrigiya, nasePhamfiliya, naseGibithe, nasezweni laseLibiya ngaseKhurene, nezihambi zaseRoma,


wathi kumadoda: “Ngiyazi ukuthi uJehova uninikile izwe, nokuthi sehlelwe ngukunesaba, nokuthi bonke abakhileyo ezweni baphela amandla phambi kwenu.


Bathi kuye: “Izinceku zakho zivela ezweni elikude kakhulu ngenxa yegama likaJehova uNkulunkulu wakho, ngokuba siluzwile udumo lwakhe, nakho konke akwenzayo eGibithe,


Kepha uRuthe wathi: “Ungangincengi ukuba ngikushiye, ngibuye, ngingakulandeli, ngokuba lapho uya khona, ngiyakuya khona nami, nalapho uhlala khona, ngiyakuhlala khona nami; abantu bakho bayakuba ngabantu bami, uNkulunkulu wakho abe nguNkulunkulu wami.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ