Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 6:30 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

30 mawuzwe wena ezulwini, indawo yakho yokuhlala, uthethelele, unike, kube yilowo nalowo njengezindlela zakhe zonke, wena owaziyo inhliziyo yakhe ngokuba wena kuphela uyazi izinhliziyo zabantwana babantu

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

30 mawuzwe Wena usezulwini, indawo yakho yokuhlala, uthethelele, kube yilowo nalowo umuphe ngokwezindlela zakhe zonke. Nguwe owazi inhliziyo yakhe ngokuba nguwe kuphela owazi izinhliziyo zabantwana babantu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

30 Yizwa-ke usemazulwini, indawo yakho yokuhlala, uthethelele, uphindisele yilowo nalowo njengazo zonke izindlela zakhe owazi inhliziyo yakhe; (Ngokuba Wena wazi izinhliziyo zabantwana babantu;)

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 6:30
18 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

mawuzwe wena ezulwini, indawo yakho yokuhlala, uthethelele, wenze, unike yilowo nalowo njengezindlela zakhe, wena owaziyo inhliziyo yakhe ngokuba wena kuphela uyazi izinhliziyo zabo bonke abantwana babantu


“Wena Solomoni, ndodana yami, yazi uNkulunkulu kayihlo, umkhonze ngenhliziyo epheleleyo nangenhliziyo ethokozayo, ngokuba uJehova uhlola izinhliziyo zonke, uqonda zonke izizindlo zemicabango; uma umfuna, uyakufunyanwa nguye; kepha uma umshiya, uyakukulahla kuze kube phakade.


Ngiyazi, Nkulunkulu wami, ukuthi uhlola inhliziyo, uthanda ubuqotho. Mina-ke ngobuqotho benhliziyo yami nginikele ngokuthokoza zonke lezi zinto, futhi sengibonile ngokujabula abantu bakho abakhona lapha ukuthi nabo banikele kuwe ngokuthokoza.


unike uSolomoni indodana yami inhliziyo epheleleyo ukuba agcine imiyalo yakho, nobufakazi bakho, nezimiso zakho, nokwenza konke lokhu, nokwakha ithempeli engililungiseleyo.”


bese kuzwakala namuphi umkhuleko nakuphi ukunxusa noma ngumuphi umuntu noma yibo bonke abantu bakho u-Israyeli abayakwazi, kube yilowo nalowo inhlupheko yakhe nosizi lwakhe, elulele izandla zakhe kule ndlu,


ukuba bakwesabe, bahambe ngezindlela zakho zonke izinsuku zokuhamba kwabo ezweni owalinika obaba.


Nomusa ungowakho, Nkosi; ngokuba wena umphindisela umuntu njengokwenza kwakhe.


Isihlangu sami sikuNkulunkulu osindisa abaqotho ngenhliziyo.


Indawo yabafileyo nokubhubha kuphambi kukaJehova; kakhulu kangakanani izinhliziyo zabantwana babantu.


“Mina Jehova ngivivinya inhliziyo, ngihlola izinso ukuba nginike, kube yilowo nalowo njengezindlela zakhe, njengezithelo zezenzo zakhe.”


“Ngalokho ngiyakunahlulela nina ndlu yakwa-Israyeli, kube yilowo nalowo njengezindlela zakhe, isho iNkosi uJehova. Phendukani, nibuye ezeqweni zenu zonke, ububi bungabi yisikhubekiso senu.


Ngokuba iNdodana yomuntu iyakuza ngenkazimulo kaYise kanye nezingelosi zayo; khona-ke iyakuvuza yilowo nalowo ngesenzo sakhe.


nangokuba engaswele nobani amfakazele ngomuntu; wayekwazi yena okuphakathi komuntu.


futhi akukho nto edaliweyo engabonakali phambi kwakhe, kepha konke kwambuliwe kusobala emehlweni akhe esiyakuzilanda kuye.


ngiyakubulala abantwana bakhe ngokufa; amabandla onke ayakwazi ukuthi nginguye ophenya izinso nezinhliziyo, futhi ngiyakumnika yilowo nalowo wenu ngokwemisebenzi yakhe.


Kepha uJehova wathi kuSamuweli: “Ungabheki isimo sakhe nobude bomzimba wakhe, ngokuba ngimalile, lokhu uJehova engabukisi okomuntu; umuntu ubheka okusemehlweni, kepha uJehova ubheka okusenhliziyweni.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ