Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 6:18 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 “Kepha uNkulunkulu uyakuhlala impela nabantu emhlabeni na? Bheka, izulu nezulu lamazulu alinakukwanela; pho, kakhulu kangakanani le ndlu encane engiyakhileyo na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

18 “Ngabe uNkulunkulu uyakuhlala impela nabantu emhlabeni na? Izulu namazulu amazulu angekwanele; pho kakhulu kangakanani le ndlu engiyakhileyo na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Kodwa ingabe ngempela uNkulunkulu uyohlala nabantu emhlabeni? bheka, izulu nezulu lamazulu alinakukwanela; kakhulu kangakanani le ndlu engiyakhileyo!

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 6:18
21 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

“Kepha uNkulunkulu uyakuhlala impela emhlabeni na? Bheka, izulu nezulu lamazulu alinakukwanela; pho, kakhulu kangakanani le ndlu encane engiyakhileyo na?


“Indlu engiyakuyakha iyakuba nkulu, ngokuba mkhulu uNkulunkulu wethu phezu kwabo bonke onkulunkulu.


Kodwa ngubani onamandla okumakhela indlu, lokhu izulu nezulu lamazulu lingemanele na? Pho, mina ngingubani ukuba ngimakhele indlu, ukuze kushiswe impepho phambi kwakhe na?


Ngalokho uHezekiya makanganikhohlisi, anganiyengi ngale ndlela, ningakholwa nguye, ngokuba kwakungekho nkulunkulu nakusiphi isizwe noma kumuphi umbuso owayenamandla okophula abantu bakhe esandleni sami nasesandleni sawobaba; kakhulu kangakanani anganophula esandleni sami uNkulunkulu wenu na?”


Ngalokho, Jehova Nkulunkulu ka-Israyeli, maliqiniseke izwi lakho owalikhuluma encekwini yakho uDavide.


Mawubheke umkhuleko wenceku yakho nokunxusa kwayo, Jehova Nkulunkulu wami, uzwe ukukhala nokukhuleka, inceku yakho ekukhuleka phambi kwakho namuhla,


kakhulu kangakanani abahlezi ezindlini zodaka, abazisekelo zabo zisothulini, abachotshozwa njengenundu.


Pho, mina ngingamphendula ngithini, ngikhethe amazwi ami aqondene naye, na?


Wena wenyukela phezulu, wathumba izithunjwa, wamukela izipho kubantu nakwabahlubukileyo, ukuze uJehova uNkulunkulu ahlale khona.


Ngokuba usho kanje ophakamileyo nophezulu, ohlala kuze kube phakade, ogama lakhe lingoNgcwele, uthi: “Ngihlala endaweni ephakemeyo nengcwele, kepha nakuye onomoya ochotshoziweyo nothobekileyo, ukuvuselela umoya wabathobekileyo nokuphilisa izinhliziyo zabachotshoziweyo.


Usho kanje uJehova, uthi: “Izulu liyisihlalo sami sobukhosi, umhlaba uyisenabelo sezinyawo zami; iphi leyo ndlu ebeniyakungakhela yona, iphi indawo yami yokuphumula, na?


Ukhona ongacasha ezindaweni ezisithekileyo ukuze ngingamboni na?” usho uJehova. “Angithi ngiyagcwalisa izulu nomhlaba na?” usho uJehova.


Kodwa ngithi kini: ‘Kukhona lapha okukhulu kunethempeli.’


Ngakho-ke uma nina enibabi nazi ukubapha abantwana benu izipho ezinhle, kakhulu uYihlo osezulwini uzakubapha okuhle abacela kuye.


“UNkulunkulu owenza umhlaba nakho konke okukuwo, yena oyiNkosi yezulu nomhlaba, akahlali emathempelini enziwe ngezandla;


Ngiyamazi umuntu ekuKristu, sekuyiminyaka eyishumi nane – nakuba wayesemzimbeni angazi, nakuba wayengaphandle komzimba angazi, nguNkulunkulu owaziyo – onjalo wahlwithwa wayiswa kwelesithathu izulu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ