Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 6:17 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Ngalokho, Jehova Nkulunkulu ka-Israyeli, maliqiniseke izwi lakho owalikhuluma encekwini yakho uDavide.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

17 “Ngakho-ke Simakade Nkulunkulu ka-Israyeli, maliqiniswe izwi lakho owalikhuluma encekwini yakho, uDavide.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Ngakho-ke, Jehova Nkulunkulu ka-Israyeli, malifezeke izwi lakho owalikhuluma encekwini yakho uDavide.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 6:17
10 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

ukuba ngisiqinise isifungo engasifunga koyihlo ukubanika izwe elichichima ubisi nezinyosi’ – njenganamuhla.” Ngase ngiphendula ngithi: “Amen, Jehova.”


Ngiyakukunika ingcebo yobumnyama, nemfuyo ethukusiweyo ezindaweni ezisithekileyo, ukuba wazi ukuthi nginguJehova okubiza ngegama lakho, uNkulunkulu ka-Israyeli.


“Abampofu nabaswelayo bafuna amanzi, kepha awakho, nolimi lwabo luphele ukoma; mina Jehova ngiyakubaphendula, mina Nkulunkulu ka-Israyeli angiyikubashiya.


ethi: “Jehova Nkulunkulu ka-Israyeli, akakho unkulunkulu onjengawe ezulwini noma emhlabeni, ogcina isivumelwano nomusa nezinceku zakho ezihamba phambi kwakho ngayo yonke inhliziyo yazo,


Yathi: “Makabongwe uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli owakhuluma ngomlomo wakhe kuDavide ubaba, ukugcwalisile ngesandla sakhe, ethi:


Bambona uNkulunkulu ka-Israyeli; phansi kwezinyawo zakhe kwakungathi kugandayiwe ngamatshe amasafire,* kungathi yizulu uqobo ngokucweba.


UManowa wasukuma wamlandela umkakhe, wafika kulowo muntu, wathi kuye: “Wena ungumuntu lowo owakhuluma kowesifazane na?” Wathi: “Nginguye.”


“Ngalokho, Jehova Nkulunkulu ka-Israyeli, gcina nenceku yakho uDavide ubaba lokho owakusho kuyo ukuthi: ‘Akuyikunqunywa muntu kuwe emehlweni ami ukuhlala esihlalweni sobukhosi sakwa-Israyeli, uma kuphela abantwana bakho beqaphela indlela yabo ukuba bahambe emthethweni wami, njengalokho wena uhambe phambi kwami.’


“Kepha uNkulunkulu uyakuhlala impela nabantu emhlabeni na? Bheka, izulu nezulu lamazulu alinakukwanela; pho, kakhulu kangakanani le ndlu encane engiyakhileyo na?


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ