Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 6:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 ngokuba uSolomoni wayenzile ibhesitulu* lethusi; ubude balo babuyizingalo eziyisihlanu, nobubanzi balo babuyizingalo eziyisihlanu, nokuphakama kwalo kwakuyizingalo ezintathu; walimisa phakathi negceke, wema kulo, wayeseguqa ngamadolo phambi kwalo lonke ibandla lakwa-Israyeli, welulela izandla zakhe ngasezulwini,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

13 USolomoni wayakhe ibhesituli lethusi, walibeka phakathi negceke: ubude balo bungamakhubhithi ayisihlanu, ububanzi bona bungamakhubhithi amathathu. Wema kulo, waguqa ngamadolo phambi kwalo lonke ibandla lakwa-Israyeli. Welulela izandla zakhe ngasezulwini,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

13 USolomoni wenza isaka lethusi, ubude balo buyizingalo eziyisihlanu, nobubanzi balo buyizingalo eziyisihlanu, nokuphakama kwalo kwakuyizingalo ezintathu, walumisa phakathi negceke; wema phezu kwalo, waguqa phambi kwebandla lonke. Ka-Israyeli futhi welulela izandla zakhe ezulwini,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 6:13
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wakha igceke elingaphakathi ngezinhla ezintathu zamatshe abaziweyo, nohla lwemishayo yemisedari.*


Igceke elikhulu nxazonke lalinezinhla ezintathu zamatshe abaziweyo nohla lwemisedari* njengegceke elingaphakathi lendlu kaJehova nompheme wendlu.


Kwathi uSolomoni eseqedile ukukhuleka wonke lo mkhuleko nalokho kunxusa kuJehova, wasuka e-altare likaJehova ekuguqeni ngamadolo akhe, izandla zakhe zelulelwe ngasezulwini.


Wenza igceke labapristi, negceke elikhulu, neminyango yegceke, wazinameka izivalo zayo ngethusi.


Wema phambi kwe-altare likaJehova ebusweni balo lonke ibandla lakwa-Israyeli, welula izandla zakhe,


Ngesikhathi somnikelo wakusihlwa ngavuka ekuzileni kwami, ingubo yami nejazi lami kuklebhukile, ngaguqa ngamadolo, ngelulela izandla zami kuJehova uNkulunkulu wami,


Kwathi lapho ngizwa lawo mazwi, ngahlala phansi, ngakhala izinyembezi, ngalila izinsuku ezithile, ngazila ukudla, ngakhuleka phambi kukaNkulunkulu wezulu,


U-Ezra umbhali wayemi ebhesitulu* lamapulangwe ababelenzele lo mgomo; eceleni kwakhe kwakumi oMatithiya, noShema, no-Anaya, no-Uriya, noHilikiya, noMahaseya ngakwesokunene sakhe, nangakwesokhohlo sakhe ngoPhedaya, noMishayeli, noMalikhiya, noHashumi, noHashibadana, noZakariya, noMeshulamu.


Wozani; masikhuleke, sikhothame, siguqe phambi kukaJehova, uMenzi wethu.


Wayesethi uMose kuye: “Nxa sengiphumile emzini, ngizakwelula izandla zami kuJehova; kuyakunqamuka ukuduma, nesichotho asisayikuba khona, ukuze wazi ukuthi umhlaba ungokaJehova.


UDaniyeli esekwazi ukuthi umbhalo ulotshiwe, wangena endlini yakhe amafasitele ekamelo lakhe ayevulekile ebhekisa eJerusalema waguqa ngamadolo kathathu ngosuku, wakhuleka, wabonga uNkulunkulu wakhe, njengalokho enzile kuqala.


Wamonyuka kubo kungathi ibanga lokuphonsa itshe, waguqa phansi, wakhuleka,


Eseshilo lokho waguqa phansi kanye nabo bonke, wakhuleka.


Kwathi sesiqedile lezo zinsuku, saphuma sahamba; bonke basiphelekezela kanye nawomkabo nabantwana, kwaze kwaba ngaphandle komuzi; saguqa ngamadolo ogwini, sakhuleka,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ