Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 6:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Wema phambi kwe-altare likaJehova ebusweni balo lonke ibandla lakwa-Israyeli, welula izandla zakhe,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

12 USolomoni wema phambi kwe-althare likaSimakade, phambi kwalo lonke ibandla lakwa-Israyeli, welula izandla zakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Wema phambi kwe-altare likaJehova phambi kobuso balo lonke ibandla lakwa-Israyeli, welula izandla zakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 6:12
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

wabuka, bheka, inkosi yayimi ngasensikeni njengomthetho, izikhulu nabamacilongo bengasenkosini; bonke abantu bezwe bathokoza, bakhalisa amacilongo. U-Athaliya wayeseklebhula izingubo zakhe, wamemeza ngokuthi: “Ngugobe! Ngugobe!”


Inkosi yema ngasensikeni, yenza isivumelwano phambi kukaJehova ukumlandela uJehova nokugcina imiyalo yakhe, nobufakazi bakhe, nezimiso zakhe ngenhliziyo yonke nangomphefumulo wonke ukuqinisa amazwi alesi sivumelwano alotshwe kule ncwadi; bonke abantu basivuma isivumelwano.


Ngiwumisile lapho umphongolo okukuwo isivumelwano sikaJehova asenza nabantwana bakwa-Israyeli.”


ngokuba uSolomoni wayenzile ibhesitulu* lethusi; ubude balo babuyizingalo eziyisihlanu, nobubanzi balo babuyizingalo eziyisihlanu, nokuphakama kwalo kwakuyizingalo ezintathu; walimisa phakathi negceke, wema kulo, wayeseguqa ngamadolo phambi kwalo lonke ibandla lakwa-Israyeli, welulela izandla zakhe ngasezulwini,


“Uma ulungisa inhliziyo yakho, welulele izandla zakho kuye;


Umkhuleko wami mawube njengempepho ebusweni bakho, nokuphakanyiswa kwezandla zami njengomnikelo wakusihlwa.


Ngiyazelulela izandla zami kuwe; umphefumulo wami womela wena njengomhlaba owomileyo. Sela*


Yizwa izwi lokunxusa kwami, nxa ngikhala kuwe, ngiphakamisela izandla zami endaweni yakho engcwelengcwele.


Ngiyakukubonga ngisaphila; ngiyakuphakamisa izandla zami egameni lakho.


Izikhulu ziyakuvela eGibithe; amaKushe ayakwelulela ngokushesha izandla zawo kuNkulunkulu.


UMose waphuma emzini kaFaro, welula izandla zakhe kuJehova; kwanqamuka-ke ukuduma nesichotho, alabe lisana emhlabeni.


Ngubani phakathi kwenu omesabayo uJehova? Makalilalele izwi lenceku yakhe ehambile ebumnyameni, ethembile egameni likaJehova, noma ingenakukhanya, yencika kuNkulunkulu wakhe.


Ngalokho ngithanda ukuba amadoda akhuleke ezindaweni zonke, ephakamisa izandla ezingcwele, engenalulaka nokuphikisana.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ