Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 4:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Wenza imicengezi eyishumi, wabeka eyisihlanu ngakwesokunene neyisihlanu ngakwesokhohlo ukuhlambela kuyo; okweminikelo yokushiswa babekugezela kuyo, kepha ulwandle lwalungolokuhlambela abapristi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

6 Wakha imicengezi elishumi, eyisihlanu wayibeka ngakwesokunene, neminye eyisihlanu ngakwesokhohlo ukuze kuhlanjelwe kuyo. Bagezele kuyo okweminikelo yokushiswa, kodwa ulwandle lwaluhlambela abaphristi kuphela.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Wenza nezitsha eziyishumi, wabeka eziyisihlanu ngakwesokunene nemihlanu ngakwesokhohlo ukuba kugezelwe kuzo; kodwa ulwandle lwalungolokugezela kulo abapristi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 4:6
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wenza imicengezi eyishumi ngethusi; umcengezi munye wawulingene namabhati* angamashumi amane; yilowo nalowo mcengezi wawuyizingalo ezine, naphezu kwezinqe eziyishumi ngazinye kwakukhona umcengezi munye.


UHiramu wayenza leyo micengezi, namafosholo, nezitsha. UHiramu wayeseqeda ukwenza wonke umsebenzi abewenzela inkosi uSolomoni endlini kaNkulunkulu:


Wenza nolwandle olubunjiweyo; lwaluyizingalo eziyishumi kusukela kolunye udini kuze kufike kolunye, lwaluyisiyingilizi; ukuphakama kwalo kwakuyizingalo eziyisihlanu; umucu oyizingalo ezingamashumi amathathu waluzungeza nxazonke.


Ngigezisise ebubini bami, ungihlanze esonweni sami.


usondeze u-Aroni namadodana akhe ngasemnyango wetende lokuhlangana, ubageze ngamanzi.


Kwakukhona ikamelo nomnyango walo ngasezinsikeni emasangweni; bahlanza khona umnikelo wokushiswa.


ahlanze izibilini zalo namanqina alo ngamanzi, umpristi anikele ngakho konke, akushise e-altare kube ngumnikelo wokushiswa, umnikelo womlilo, ube yiphunga elimnandi kuJehova.


ahlanze izibilini zalo namanqina alo ngamanzi, umpristi akushise konke e-altare, kube ngumnikelo wokushiswa, umnikelo womlilo, ube yiphunga elimnandi kuJehova.


Babenjalo abanye kini, kepha senahlanzwa, senangcweliswa, senalungisiswa ngegama leNkosi uJesu Kristu nangoMoya kaNkulunkulu wethu.


kakhulu kangakanani igazi likaKristu owazinikela kuNkulunkulu ngoMoya ophakade engenacala lizakuhlanza unembeza wethu emisebenzini efileyo, ukuze sikhonze uNkulunkulu ophilayo.


Njalo-ke kwakudingekile ukuba imifanekiso yokusezulwini ihlanzwe ngalokho, kepha okusezulwini uqobo lwakho kuhlanzwe ngeminikelo emihle kunalena.


kepha uma sihamba ekukhanyeni, njengalokhu yena uqobo esekukhanyeni, khona sinenhlanganyelo omunye nomunye, negazi likaJesu iNdodana yakhe liyasihlambulula ezonweni zonke.


Ngase ngithi kulo: “Nkosi yami, nguwe owaziyo.” Lase lithi kimi: “Laba yibo abaphuma osizini olukhulu, bahlanza izingubo zabo, bazenza zaba mhlophe egazini leWundlu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ