Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 4:19 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 USolomoni wenza-ke zonke izinto ezazisendlini kaNkulunkulu, kanye ne-altare legolide, namatafula okwakukhona kuwo izinkwa zokubukwa,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

19 USolomoni wenza yonke impahla eyayisendlini kaNkulunkulu: i-althare legolide, amatafula okwakukhona kuwo izinkwa zobukhona,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

19 USolomoni wazenza zonke izinto zendlu kaNkulunkulu, ne-altare legolide namatafula okwakubekwe kuwo izinkwa zokubukwa;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 4:19
21 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Yakhipha khona yonke ingcebo yendlu kaJehova nengcebo yendlu yenkosi, yahlahlela zonke izinto zegolide uSolomoni inkosi yakwa-Israyeli azenzileyo ethempelini likaJehova njengokukhuluma kukaJehova.


nangesisindo segolide lamatafula ezinkwa zokubukwa, amatafula ngamatafula, nangesiliva lamatafula esiliva;


USolomoni wathumela kuHiramu inkosi yaseTire, wathi: “Njengalokho wakwenza kuDavide ubaba, wathuma kuye imisedari,* azakhele ngayo indlu ukuba ahlale kuyo, yenze njalo nakimi.


Ekuqaleni komnyaka inkosi uNebukadinesari yathumela yamletha eBabele kanye nezitsha ezinxanelekayo zendlu kaJehova, yabeka uSedekiya, umfowabo, inkosi kwaJuda naseJerusalema.


Zonke izitsha zendlu kaNkulunkulu, ezinkulu nezincane, nengcebo yendlu kaJehova, nengcebo yenkosi neyezikhulu zayo, konke lokho wakuyisa eBabele.


Wenza amatafula ayishumi, wawabeka ethempelini, ayisihlanu ngakwesokunene nayisihlanu ngakwesokhohlo. Wenza nezitsha eziyikhulu zegolide.


Ingakapheli iminyaka emibili ngiyakubuyisela kule ndawo zonke izitsha zendlu kaJehova azithatha kule ndawo uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, waziyisa eBabele,


kepha uziphakamisile eNkosini yasezulwini; balethe izitsha zendlu yakhe phambi kwakho; wena nezinduna zakho, nawomkakho, nezancinza zakho niphuzile iwayini ngazo, utusile wena onkulunkulu besiliva, nabegolide, nabethusi, nabensimbi, nabomuthi, nabetshe abangaboni, abangezwa, abangazi; kodwa uNkulunkulu omphefumulo wakho usesandleni sakhe, nokungezakhe zonke izindlela zakho awumdumisanga.


ukuthi wangena endlini kaNkulunkulu, wadla izinkwa zokubukwa okungavunyelwe ukuba zidliwe nguye nababe naye kodwa ngabapristi kuphela, na?


Kwase kufika enye ingelosi, yema ngase-altare inesitsha segolide sempepho, yanikwa impepho eningi ukuba iyelekele emikhulekweni yabangcwele bonke phezu kwe-altare legolide eliphambi kwesihlalo sobukhosi.


Ingelosi yesithupha yayisibetha; ngezwa izwi livela ezimpondweni ezine ze-altare legolide eliphambi kukaNkulunkulu,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ