Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 33:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Wabuye wakha izindawo eziphakemeyo uHezekiya uyise azidilizile; wamisela oBali ama-altare, wenza o-Ashera,* wakhuleka kulo lonke ibandla lasezulwini, walikhonza.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

3 Wabuye wakha izindawo eziphakemeyo uyise uHezekiya ayezidilizile, wamisela uBhali ama-althare, wenza o-Ashera, wakhuleka kulo lonke ibandla lasezulwini, walikhonza.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Wabuye wakha izindawo eziphakemeyo uHezekiya uyise ayezidilizile, wamisela oBhali ama-altare, wenza nemithi, wakhuleka, walikhonza ibandla lonke lasezulwini.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 33:3
27 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Nabo bazakhela izindawo eziphakemeyo, nezinsika, nawo-Ashera* emagqumeni onke aphakemeyo naphansi kwemithi yonke eluhlaza.


Wasusa izindawo eziphakemeyo, wadiliza izinsika, wanquma o-Ashera,* wachitha inyoka yethusi ayeyenzile uMose, ngokuba abantwana bakwa-Israyeli babeshisa impepho kuyo kwaze kwaba ngalezo zinsuku; yabizwa ngokuthi uNehushitani.


Wabuye wakha izindawo eziphakemeyo uHezekiya uyise azichithile; wamisela uBali ama-altare, wenza u-Ashera* njengokwenza kuka-Ahabi inkosi yakwa-Israyeli, wakhuleka kulo lonke ibandla lasezulwini, walikhonza.


Yasusa namahhashi amakhosi akwaJuda anikele ngawo kulo ilanga ngasendleleni yokungena endlini kaJehova ngasekamelweni likaNathani Meleki induna yasePariwarimi, yashisa izinqola zelanga ngomlilo.


Inkosi yayisiyala uHilikiya umpristi omkhulu, nabapristi besigaba sesibili, nabalindimnyango ukukhipha ethempelini likaJehova zonke izinto ezazenzelwe oBali, no-Ashera,* nebandla lonke lasezulwini, yazishisa ngaphandle kweJerusalema emasimini aseKidroni, yayisa umlotha wazo eBethele.


U-Ahazi waqoqa izinto zendlu kaNkulunkulu, wazihlahlela izinto zendlu kaNkulunkulu, wavala izivalo zendlu kaJehova, wazenzela ama-altare emagumbini onke aseJerusalema.


Basuka, basusa ama-altare aseJerusalema; nawo onke ama-altare empepho bawasusa, bawaphonsa emfudlaneni iKidroni.


Sekuphelile konke lokho, u-Israyeli wonke owayekhona waphuma waya emizini yakwaJuda, waphula izinsika, wagawula o-Ashera,* wadiliza izindawo eziphakemeyo nama-altare kwaJuda wonke, nakwaBenjamini, nakwa-Efrayimi, nakwaManase, waze waqeda konke. Base bebuyela bonke abantwana bakwa-Israyeli, kwaba yilowo nalowo efeni lakhe, emizini yakubo.


Yena lowo Hezekiya akasusanga yini izindawo eziphakemeyo nama-altare akhe, wayala uJuda neJerusalema, wathi: ‘Niyakukhuleka phambi kwe-altare linye, nishise impepho,’ na?


Wasusa onkulunkulu babezizwe nesithombe endlini kaJehova, nawo onke ama-altare ayewakhile entabeni yendlu kaJehova naseJerusalema, wakulahla ngaphandle komuzi.


Umkhuleko wakhe, nokunxuswa kukaNkulunkulu nguye, nazo zonke izono zakhe, nazo zonke iziphambeko zakhe, nezindawo akha kuzo izindawo eziphakemeyo, amisa kuzo o-Ashera* nezithombe ezibaziweyo, engakazithobi, bheka, lokho kulotshiwe ezindabeni zikaHozayi.


ngokuba bangishiyile, bashisela abanye onkulunkulu impepho baze bangicunula ngayo yonke imisebenzi yezandla zabo; intukuthelo yami isithululelwe kule ndawo, ayiyikucinywa.’


Kepha niyakuwadiliza ama-altare abo, niziphahlaze izinsika zabo, nibagawule o-Ashera* babo,


Ngubani owaziyo, uma eyakuba ngumuntu ohlakaniphileyo noma isiwula na? Nokho uyakubusa phezu kwawo wonke umshikashika wami engiwushikashikile nengihlakaniphele kuwo phansi kwelanga. Nalokho kuyize.


Ukuhlakanipha kungcono kunezikhali zokulwa, ngokuba oyedwa owonayo angachitha okuhle okuningi.


abantwana babo besakhumbula ama-altare abo nawo-Ashera* babo ngasemithini eluhlaza emagqumeni aphakemeyo.


izindlu zaseJerusalema nezindlu zamakhosi akwaJuda, ezoniweyo, ziyakuba njengeThofeti, yebo, zonke izindlu, abashisele ibandla lasezulwini impepho phezu kwezimpahla zazo, bathululela abanye onkulunkulu iminikelo yokuphuzwa.’ ”


“ ‘Ngokuba abantwana bakwaJuda benzile okubi emehlweni ami, usho uJehova; bazibekile izinengiso zabo endlini ebizwe ngegama lami zokuba bayingcolise.


baweneke elangeni nasenyangeni nakulo lonke ibandla lasezulwini, abakuthandile, bakukhonza, bakulandela, bakufuna, bakhuleka kukho; awayikubuthwa, awayikumbelwa, ayakuba ngumquba ebusweni bomhlabathi.


nabakhuleka kulo ibandla lasezulwini phezu kwezindlu, nabakhuleka kuJehova bemfunga, befunga futhi uMilkomu,


Kepha uNkulunkulu wabafulathela, wabadedela ukuba bakhonze ibandla lezulu, njengokuba kulotshiwe encwadini yabaprofethi ukuthi: “ ‘Naningilethela iminikelo nemihlatshelo iminyaka engamashumi amane ehlane nina ndlu ka-Israyeli na?


“Ungazitshaleli u-Ashera* womuthi noma owaluphi uhlobo ngaseceleni kwe-altare likaJehova uNkulunkulu wakho oyakuzenzela lona.


wahamba, wakhonza abanye onkulunkulu, wakhuleka kubo, noma ilanga, noma inyanga, noma ibandla lezulu, engingayalanga ngakho,


funa uphakamisele amehlo akho ezulwini, nalapho ubona ilanga nenyanga nezinkanyezi, lonke ibandla lezulu, uyengwe, uze ukhuleke kukho, ukukhonze, okwabelwe izizwe zonke eziphansi kwezulu nguJehova uNkulunkulu wakho.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ